... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imicabango Yakho Yiyo Ebumba Impilo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 23:27 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

Listen to the radio broadcast of

Imicabango Yakho Yiyo Ebumba Impilo Yakho


Download audio file

Sonke ngamunye sisebenzisa isikhathi eside sicabanga.Kwesinye isikhathi yimicabango emihle,kwezinye izikhathi kungabi njalo.Futhi ,uyazi ukuthi imicabango yethu isho lukhulu kuJesu ngokokuthi singobani .

Enye yezinto engihlale  ngihlale ngithanda ukuyithola kubantu yile yokuthi ingaphakathi nengaphandle labo liyefana,ukuze ngazi ukuthi lokhu engikubonayo ,yilokhu engikuthola kuye.Angimfuni umuntu ongidlalela umacashelana la.Ngifuna ukwazi ukuthi uyilokhu athi uyikho ngempela hhayi ukungikhohlisa.

Yingakho ngingenankinga nabantu abakhuluma baqonde.Yikho engikuxolelayo ukwazi ukuthi bacabanga ndlelani ,kunokuthi basho okunye ezimpondweni zamehlo ami ,kade mase bengibuka esiphundu bathi lala silaza sizokwengula.Nginesiqiniseko nawe mlaleli ungumuntu onjalo ongathandi ukukhohliswa. Kodwa manje ake sifake isicathulo kolunye unyawu,ngoba ngale kongabazane ,uma abantu besibuka,mina nawe,yilokho kanye abakufuna kithi futhi.Kodwa ngakube yilokho abahlale bekuthola njalo kithi?

UJesu wake washo lamagama alandelayo,ewasho kwiqeqebana lezihlakaniphi zabaholi bezenkolo : NgokukaMathewu 23:27 Maye kinina babhali nabaFarisi,bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi    agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

La wavese wakhuluma waqonda ngqo ,wangaya le nale,awuboni kanjalo? Into ewukhiye la wumqondo wethu;ngokokuthi senze njani ngemicabango yethu.Awukwazi ukuqhubeka unemicabango engemihle ngomunye umuntu ,bese mawuphambi kwakhe uveze elomhlathi …ngoba kungekudala buzobanjwa ubuqili bakho.Yingoba kuzofika isikhathi lakhona  kuzovela ukuthi okungaphakathi nokungaphandle kuyangqubuzana.

Manje ngakube usisebenzisa isikhathi sakho ekucabangeni ngani?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge