Ukuphindisela Okwedlula Konke
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 12:17-19 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngoku ba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
Ngesikhathi kunomuntu osekucasule kwavevezela izindebe zomlomo ,kwashaya inhliziyo mawala, kwamnyama amehlo ,yini into elandelayo ekufikelayo ngalomuntu okwenze bukwayo ? Ukuziphindiselela .Okumnandi ukuziphindiselela lokhu .
Into echazanayo ngalokho yilokhu : isizathu silangazelela lowomuzwa wokuziphindiselela yingoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ngakho ,kuvuka umoya wobulungiswa kithi ngokunamandla phezu kwalomoya ongenabulungiswa ophambi kwethu .
Futhi ubulungiswa bubiza ukuthi okungebulungiswa akuqondiswe kuthi thwi .Bubiza ukuthi abajeziswe qede kubuyiselwe umonakalo owenziwe ,ekugcineni kwakho konke okuyikho khona kanye uJesu wafela mina nawe esiphambanweni; ukulungisa okonakele ,asithwalele ukufambula kwethu .
Ngakho esikhundleni sokuziphindiselela kithi ngokuhlubuka uNkulunkulu ,uNkulunkulu uqobo lwakhe ,ngokufa kukaJesu kulesosiphambano ,wakhokha inani lesono sethu elalifunwa ngubulungiswa bakhe .
Uma ukucabangisisa kahle kuyinto ephambene ngendlela eyenzeka ngayo uma kwenziwe ukungabi nabulungiswa .Lokhu kwaba yimpendulo evela othandweni lwakhe olukhulu ngathi .
Mhlawumbe esingakwenza ngukushiyela ubulungiswa kuye :
KwabaseRoma 12:17-19 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngoku ba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
Ngamanye amazwi ukuziphindiselela okukhulu kakhulu ngukungakwenzi sanhlobo . Yelapheka qede uhlabele phambili ,ungafani nalaba abakulimazile .
Khona manjalo ,ulinde uNkulunkulu ukubajezisa ngentukuthelo yaKhe uma kuwukuthi uyokubona kufanele lokho.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.