Ukusuka La Uya Elangeni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 53:5 Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu,kodwa thina sathi ijezisiwe ,ishaywe nguNkulunkulu ihlushiwe.
Kwenzeka kanjani ingempela ukuthi umbazi owazalwa eNazaretha eminyakeni eyevile kwengu 2000 edlule kodwa uthole ukuthi indaba yakhe isangena shi kulempilo mina nawe esiyiphila manje kuleminyaka? Kwenzeka kanjani?
Ake ucabange ukuthi uno-piece wephepha omkhulu .Omkhulu kakhulu.Uwugoqe ube ngu-half.Ude uqhubeke uwugoqe ube nguhalf .Kahle hle uwugoqe kuze kube ka 50 [uyabona –ke ngisho kungathiwa leliphepha belilikhulu kangakanani kodwa uyothwala kanzima ukuqhubeka uligoqa kuze kufike ku 7.]
Kodwa ,ake uvese ungenze ihlaya .Mawungase ucabange ukuthi ubuzokwazi ukuligoqa ka 50 .Manje nanku umbuzo wami : Liwugqinsi kangakanani leliphepha ? Mhlampe belingaba ngangebhuku elikhulu le telephone directory kumbe ngangebhayibheli? Mhlampe libe elide ngange friji? Kumbe lide lize liyothi gqu emqadini /kuceiling ?
Lutho! Uma ubungaligoqa ka 50 belingasuka kwi-planet earth [emhlabeni] liye elangeni .Ngangikufunda lokho encwadini ,ngabe sengenza izibalo.Kuliqiniso. Futhi mangase nje uphinde uligoqe ngokuka 50 kokugcina lingasuka emhlabeni lize liyofika elangeni liphinde libuye lifike emhlabeni futhi.
Iphuzu la kulenjulamqondo wukuthi izinto ezincane zinamandla omthelela omkhulu.Ake uthathe nje umbazi owazalelwa eNazeretha iminyaka engu 2000 eyedlula. ‘Manje pho yini ngaye?’
Yebo ,indaba ngethi eminyakeni engu 2000 edlule usethinte izigidigidi zezimpilo zabantu futhi usaqhubeka ethinta izigidigidi zezimpilo zabantu.Ekuqhubekeni kwayo leminyaka engu 2 000 usaqhubeka ephulukisa izinkulungwane zabantu,usaqhubeka elapha izinhliziyo ezaphukile .Isaqhubeka leminyaka engu 2 000 wafika ,usagcwele lolothando,usabasindisa abantu,usaqhubeka enyenyeza ethi,ngizele wena.
Isaya 53:5 Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu,kodwa thina sathi ijezisiwe ,ishaywe nguNkulunkulu ihlushiwe.
Izinto ezincane zisengaba nomthelela omkhulu kakhulu.
Kahle hle ekuqhubekeni umlalela uJesu ,kusikhathi sinye futhi eguqula ngamandla okuphila impilo yakho . UJESU lowo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..