... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukidusuka Engcebweni Wehlele Ezidwedweni.

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 5:10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo,nalokho kuyize

Listen to the radio broadcast of

Ukidusuka Engcebweni Wehlele Ezidwedweni.


Download audio file

Ngakho ngithanda ukuba nesithombe ngengqondo ,mangase kuthiwe kunomuntu ofuna ukukunika insavunsavu yemali.Bese akubuze athi : “Uthanda ngikunike engakanani?” Impendulo yakho ibingathini? Imalini ubungayicela kuye?

Kungamnandi kabi ukuba nezindodla zemali ,ngeke kube mnandi? Ube nezimoto zikanokusho uzibone zesipake kwakho ,umuzi womacaphuna kusale ,ube nezisebenzi ezininganyana eziqondene nomuzi wakho nje uwodwa,ezikuphekelayo,eziwasha lezomoto ,ezama washing ,ezegceke njll.Ubani ongakaze ayiphuphe impilo yobuthebelele enjalo?

Kodwa futhi uvese uthole ukuthi sikhathi sinye abantu befika kulamaphupho kodwa kuvese kufike ukulambela okungaphezulu .Singakhomba abaholi abaningi nosopolitiki abaphonseke kulesikhisi ,abanye babo baze bagcina ngisho ezikhindini ngenxa yokuhlulwa wugovane .

Kunendoda eyodwa engiyicabangayo yayiphumelela kahle kakhulu –futhi idumile kakhulu,kodwa okwathi nje ngokwehlisa ngemilenze ama hundred thousand ambalwa,kodwa othi masubuka ngokokuphumelela kwayo ,empeleni kwakuyimfalakahlana yoshintshi nje le,kodwa yagcina iphethele ejele.Lokho kwangitshela ukuthi kahle hle akuyona imali le eyinkinga . Kodwa kuba wukuthi uma ukuyilangazelela kwethu sekuwukuqaleka okungadambiseki wena ongafunga  umuntu wegudu uqobo eseshawa nayikhanda wukinatelo lohuheko lokufuna  izilayi,okuphetha kudlavaza izimpilo zethu ,uma ulangazelelo lwemali selunjalo.

Lendaba ayikhulumi  nje kuphela  ngabantu abale kude ababhekene nezindodla zayo.Ngisho ezingeni lethu iyangena khaxa.

Akukholakali ukubona abantu imali sebeyenza isithixwana .Ngoba nanti iphuzu elinqala:

Umshumayeli 5:10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo,nalokho kuyize


Njengokuba u CS Lewis ebhala encwadini yakhe esihloko sithi  “The Screwtape Letters”, icebo likaSathane  lokudlavaza liqede ngempilo yakho lisobala:

Yifuthefuthe elikhulayo lingemi  lokuhalela ukugomoshela injabulo egqwalayo.  Ungalokothi uvumele  uthando lokulangazelela imali lukudicelele phansi.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge