Ukuthethelela Ongathetheleleki
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 5:43,44 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
Phambilini besikade sixoxa ngokuthethelela ,futhi mhlawumbe usuyacabanga ukuthi ….ayyyi ayyyi uyaphi lapho manje ,awukhulume ngokunye.Kulungile sokwenza lokho kusasa kodwa namhlanje ngithanda ukukuxoxela ngowesifazane owayenezizathu zonke zokungathetheleli.
Nganginaye kwi-interview lowesifazane phambilini ,ngimbuza ngendodana yakhe eyashayiswa ngumshayeli owayephuzile ,qede yafa.Manje mangase kuthiwe lowomshayeli wama waletha usizo,lendodana yalowesifazane nakanjani ngabe isaphila nanamhlanje.Kodwa akazange ame ngakho lendodana yagcina iphangelele ngenxa yokushayiseka
Kulula kumuntu onjengami ukukhuluma ngokuthethelela ,kodwa lesihloko sidubula siye ngqo enhliziyweni,sithunuke amanxeba amaningi ezinto ezakulimaza.Kulapho kanye umbuzo wami uthi ingempela ukuthethelela kuchazani esimweni esinjalo?
Okwangithinta kakhulu ngalowesifazane wukuthi ubuhlungu bokushiywa nguMawakhe babuse -fresh kakhulu ,kodwa ekuso lesosimo wakusopha ukuthethelela.
Kuso sonke lesikhathi bengilokhu ngibuka ukunyathela kwakhe.Indlela okwenzeka ngayo.Ayikho futhi inhlobo yobulungiswa engabuyisa indodana yakhe ekufeni.Kodwa ukukhetha kwakhe ukuthethelela kulethe uphuluko enhliziyweni yakhe.Nakhu uJesu ake akusho ngentethelelo:
NgokukaMathewu 5:43,44 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
Hmm, uthande izitha zakho uzikhulekele.Kulula lokho? Lutho.Kodwa okwami ukubuka ,kuthi ngalowesifazane nanxa kungabukeka kunzima ukuthethelela isenzo salomshayeli owayebudlonyile utshwala ,ukuthi avese ashayise lendodana yalowesifazane qede ayishiye kanjalo isadikiza kwaze kwaphuma umphefumulo wayo emgwaqeni iyodwa qhwaba ingatholi sizo ,kwakungcono ukuzwa lobuhlungu kunokuqhubeka athi esebuzwile bese aphile ehle enyuka nalomdlavuza wokungathatheleli ,empilweni yakhe yonke.
Thandani izitha zenu ,nizikhulekele.
Lowesifazane ngokunquma ukuthethelela wazelapha isilonda esasinhlizyweni.Yiwona amandla eZwi lawo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..