... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthethelela Kuwukulapheka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 6:14,15 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo,noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. 15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthethelela Kuwukulapheka


Download audio file

Ukuthethelela yinto ozwa abantu bekhuluma ngayo kulelizwe lamanje.Kodwa ukuthole ukuthi khona kunjalo ngeke ziyeke izilonda ezenzeka ukuqhubeka zibhibha kuze kube ngukuthi siyabathethelela labo abayimbangela yazo kithi.

Kuyamangaza ukuthi baningi kangakanani abantu ababukeka  bebopheleke  emihuzukweni yezinto esezadlula ngokwenjikela engami yokungathetheleli.Futhi lokhu kuyinto enkulu kuJesu .Kahle hle waba nokubeka okuzwakala kuqinile kithi uma sehlulwa wukuthethelela.

NgokukaMathewu 6:14,15  Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo,noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.  Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

Khumbula wuJesu osho lokho,akushiwo yimina .Futhi akuqondile kucacile ukuba kubonwe ngabantu bonke.

Siphila ngaphansi kokulindela okungamanga ,okuthi kumele kube nobulungiswa kuqala ngaphambi kokuthi sixole sithethelele.

Kodwa imvamisa kuyathukela ubulungiswa benzeka.Ngakho ,imvamisa umenzi ngeke abone amaphutha akhe bese asicele intethelelo.Ngakho imvamisa okubi okwenziwe kugcina kungalungisekile ,bese siyakugoqa  ngendwangu enhle sikubeke kahle.Ebese kwenzakalani emva kwalokho? Hhiya nebala uJesu usibizela ekulahleni  ilungelo lethu lokuphindisela ,ndlelanye naye enza ngayo ,kulesosiphambano esinobuhlungu.

Kucabange lokhu.Wanikela ngokuphila kwakhe ukuze mina nawe sithethelelwe.Lokhu kwakubukeka ku-fair kangakanani kuye,ngesikhathi elenga ngalezonsimbi ezisasipikili  ezibuhlungu  ebhotshozwa ngazo ezandleni nasezinyaweni zaKhe?  

Yebo impela futhi ,ngamanxeba akhe sasindiswa.

Ngendlela efanayo futhi uma senza lowomnikelo  ezinhliziyweni zethu-kuhlala njalo kunenani olikhokhayo ukuthethelela-Wasikhulula ebuhlungwini bamanxeba ezinto esezadlula. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge