... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe


Download audio file

Ngiyazibuza ukuthi engabe akekho umuntu oyedwa empilweni yakho okuthole kunzima ukumthethelela .Umuntu oyedwa othi mawumcabanga ufikelwe wukuthi usadinga isijezo esinzima .Ngakube lokho kukubeka kwimpilo enjani?

Ngakube sewake wazibuza ukuthi ,ingempela kuchaza ukuthini ukuthethelela? Sonke siyazi ukuthi simelwe ukuthethelela,kodwa iqiniso ngelithi kulula ukukusho lokho kunokukwenza.

UJesu usho izinto ezethusayo zisimangaze sibe manqika,kodwa okuthi ekugcineni ,zakhe umqondo onamandla.Njengalezi: Luke 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo   nababi.

Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu. Akubuke ,ukuthi uma kunomuntu osizwise ubuhlungu ,siqhubeka siphile nenhliziyo enzima ngaye .Okuthi uma siqhubeka sihlala kulokho ,kwenza kwedlulele kakhulu ngokusilimaza.Inkinga yile yokuthi kunzima ,kunzima kakhulu ukuthethelela.Kunzima ukudlulisa into.Siyazi simelwe ukukwenza ,kodwa kanjani?

Yah ,nebala nakhu la  elele khona ,phinda uyizwe lenkulumo:  Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle . Ngesikhathi kunzima ukuthethelela ,vese uqale ngokumkhulekela lowomuntu.Qala ucabange ngokokuthi ,yintoni engingayenza ukubabusisa ngayo?

Uyazi kuvese kuqale kubile masesisho njalo,phela akuyona imveloluntu ukubusisa  isitha sakho.Kuyinto engabukeki i-fair ngempela. Kodwa ukuthethelela kunjengizinkonyane okuthi uma uqhubeka uzijimisa ,ziyaqhubeka ziqine kakhulu zibe namandla.Okuthi kancane kancane ukusindwa kwenhliziyo kuya ngokuya kunyamalala. Soze wakukhohlwa  okwenzeka,kodwa ndlelana thizeni ,uyakhohlwa ukuthi lomuntu owakulimaza uyakukweleta okuthile .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge