... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ningukukhanya Kwezwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:15,16 Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Listen to the radio broadcast of

Ningukukhanya Kwezwe


Download audio file

Kuyiphuzo elisobala lokuthi ngesikhathi siqhubeka siba matasa;kusikhathi sinye sincishelwa wukucabanga ukuthi singathinta kanjani impilo yomunye umuntu;lokho okwenza sifiphaze ukukhanya kukaNkulunkulu ebekumele sikukhanyise okuluthando lwaKhe aluletha kulomhlaba omnyama.Kuzwakala kungemnandi,kodwa kuliqiniso.

Kunini lakhona kungekudala nje ,kunomuntu owenza okuhle kuwe? Into ekhethekile.Into abayenza ngenxa yokuthi nje bayazi kuyokuthokozisa ,kukusize ,kukuthinte ngendlela ekhethekile. Mhlawumbe kusanda kukwenzekela lokho ,kumbe mhlampe seside isikhathi kwagcina.Kodwa sonke siyazi ukuthi uma kukhona umuntu owenza lokho,akusikho ukuthi uvese agqame lowomuntu ezixukwini ?

Kusengaba yinto encu ncu ncu,ukukubuka ngobuso obunesihe,izwi lenkuthazo,ukukuphekela ukudla ngesikhathi ugula,kodwa kukuncane kunjalo ,ukubonga okuyotshaleka enhliziyweni  kungaba okwempilo yonke.

Futhi uma senza into enhle,into enozwelo,into enokupha,into enokukhuthaza omunye umuntu ,kusenza sigqame ezixukwini ngendlela amazwi nawo ubengeke akwazi ukuyichaza.UJesu ukubeka kanje lokhu: NgokukaMathewu 5:15,16 Nomuntu kasokheli isibani, asibekephansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.

Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise   uYihlo osezulwini. Lezozenzo ezisobala nje zezibele,lezozenza zokuzinikela ,uma uchezuka endleleni uchezukela ukwenza nje into encane  empilweni yomuntu ….kuba wukukhanya lokho kubo,la okusuke khona kuyi-corner ebelimnyama  ligcwele isithukuthezi imvamisa. Ubani obungamupha i-smile sakho namhlanje ,umnikelo omncane wesikhathi sakho ,umenzele umehluko ayowukhumbula impilo yakhe yonke?

Wena,yebo wena kanye ,ngokokukaJesu,ungukukhanya kwezwe .Yiba yilokho kukhanya.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge