... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthethelela Ongathetheleleki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:43,44 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo

Listen to the radio broadcast of

Ukuthethelela Ongathetheleleki


Download audio file

Phambilini besikade sixoxa ngokuthethelela ,futhi mhlawumbe usuyacabanga ukuthi ….ayyyi ayyyi uyaphi lapho manje ,awukhulume ngokunye.Kulungile sokwenza lokho kusasa kodwa namhlanje ngithanda ukukuxoxela ngowesifazane owayenezizathu zonke zokungathetheleli.

Nganginaye kwi-interview lowesifazane phambilini ,ngimbuza ngendodana yakhe eyashayiswa ngumshayeli owayephuzile ,qede yafa.Manje mangase kuthiwe lowomshayeli wama waletha usizo,lendodana yalowesifazane nakanjani ngabe isaphila nanamhlanje.Kodwa akazange ame  ngakho lendodana yagcina iphangelele ngenxa yokushayiseka

Kulula kumuntu onjengami ukukhuluma ngokuthethelela ,kodwa  lesihloko sidubula siye ngqo enhliziyweni,sithunuke amanxeba amaningi ezinto ezakulimaza.Kulapho kanye umbuzo wami uthi ingempela ukuthethelela kuchazani esimweni esinjalo?

Okwangithinta kakhulu ngalowesifazane wukuthi ubuhlungu bokushiywa nguMawakhe babuse -fresh kakhulu ,kodwa ekuso lesosimo wakusopha ukuthethelela.

Kuso sonke lesikhathi bengilokhu ngibuka ukunyathela kwakhe.Indlela okwenzeka ngayo.Ayikho futhi inhlobo yobulungiswa engabuyisa indodana yakhe ekufeni.Kodwa ukukhetha kwakhe ukuthethelela kulethe uphuluko enhliziyweni yakhe.Nakhu uJesu ake akusho ngentethelelo:

NgokukaMathewu 5:43,44 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo

Hmm, uthande izitha zakho  uzikhulekele.Kulula lokho? Lutho.Kodwa okwami ukubuka ,kuthi ngalowesifazane  nanxa  kungabukeka kunzima ukuthethelela  isenzo salomshayeli owayebudlonyile utshwala ,ukuthi avese ashayise lendodana yalowesifazane qede ayishiye kanjalo isadikiza kwaze kwaphuma umphefumulo wayo emgwaqeni iyodwa qhwaba ingatholi sizo ,kwakungcono ukuzwa lobuhlungu kunokuqhubeka athi  esebuzwile bese aphile ehle enyuka nalomdlavuza wokungathatheleli ,empilweni yakhe yonke.

Thandani izitha zenu ,nizikhulekele.

Lowesifazane ngokunquma ukuthethelela wazelapha isilonda esasinhlizyweni.Yiwona amandla eZwi lawo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge