Umthandazo Wami Ngawe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseKolose 1:9-11 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula.
Namhlanje ngithanda ukukucobelela into enginolangezelelo olukhulu ngayo;into okuyiyo engishukumbisayo ,engiphusha ukwenza engikwenzayo.Ngukukubona ukhula ebudlelwaneni noJesu bube ngobunothile ,obunamandla amakhulu .
UPhawuli umphostoli wabhala cishe ingxenye yonke yezincwadi zeThestamente Elisha. Lezoncwadi namhlanje zize kithi sazincwadi [letters] ezazibhalelwe amabandla ahlukahlukene – amanye awo ayeqalwe nguye amanye zisebenzi ayenazo emsebenzini weNkosi .Futhi kuzo zonke lezoncwadi okuthi ngisho noma ekhuluma kubo inkulumo eqinile ,njengokuba enza ngokwesibonelo kwabaseKhorinte nakwabaseGalathiya ,inhliziyo yakhe yokuba ngumelusi uyayizwa noma ebhala ngokuqinile ,ngeke ungakuqapheli lokho .
Futhi nami ngikolowomuzwa kanye womelusi ngawe shlobo sami nabaningi abalalela lengosi yeZwi EliFresh eza kuwe izinsuku eziyisihlanu ngesonto .Ngakho uma ngifunda lamazwi uPhawuli awabhalela ibandla eKholose ,ashukumbisa inhliziyo yami ekujuleni kwayo :
KwabaseKolose 1:9-11 Ngalokho nathi, kusukela osukwini
esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe
ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho
konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe
nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula.
Ngesikhathi sisahambisana ndawonye usuku ngalunye nge FRESH ngumkhuleko wami lowo Mlaleli omuhle .
Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.