... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lakhona Wenza Okuhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 2:15 Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula.

Listen to the radio broadcast of

Lakhona Wenza Okuhle


Download audio file

Siphila emhlabeni namhlanje lakhona izinto ebesihlale sazi ukuthi ziwrong  – umhobholo,inkanuko,ukugxekelwa yisimilo nokuningi okunjalo-akusekhona kuphela ukuthi manje kubizwa ngokuthi ku right ,kodwa sekushayelwa ihlombe.Futhi ngiyamdabukela omelene nalezizinto usenkingeni uqobo .

Isimo sinjalo nje ,futhi engisiqondayo ngokwalelicala elinye . Ngoba andukuba ngibe nguMKhrestu  ,ngaphambi kokuba ngamukele lokho uNkulunkulu athi kuright okuright nebala,nalokho futhi akubiza ngokuthi kuwrong kumi kuwrong akushintshi ,nami yayingichukuluza lendaba yamaKhrestu azibona engcono .

Nakuba lamagama ngangikwazi ukuwasebenzisa ngalezozikhathi,ukulunga kwawo kwawushukumbisa unembeza wami ngoba ngangazi ukuthi zimnyama kanjani izono zami ,nokuthi kwakungakanani  okwakuwrong okuwrong kimi ,kodwa  ngangingafuni ukukuyeka .Ngakho ngangishushisa amaKhrestu  ngezenzo zami .Yilokho okwakwenzeka.

Umuntu kulezinsuku uthi mawuke nje wama wavimba ebulungisweni bami ,wenqaba ukuhlekela amahlaya angcolile engiwaxoxayo kumbe axoxwa ngomunye ,wenqaba ukuqamba amanga kumbe ungakwemukeli ukungaziphathi kahle okuqhubeka kuqhutshwa kulezinsuku  osekwenziwe kwayimpilo ejwayelekile …nakanjani izwe lizokuzondela lokho .Ngakho ithini impendulo ?

Ngakube siyama ukwenza oku right?  Ngakube siyachezuka nathi sihambisane neningi ? Angicabangi kanjalo!

1 EkaPhethru  2:15 Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula.

Ekugcineni ubuhle buyakhanya bukhazimule . Ubuhle bakho ebusweni bobubi  nenani olikhokhayo ngalokho ,kuyoba nomthelela onamandla ngaphezu kobungakucabanga .Ubuhle balawoMaKhrestu engangiwakhaphela ,intobeko yawo,ukungemukela kwawo,intethelelo yawo ….kwadlala ingxenye engakholakali enamandla ekuzeni kwami kuJesu ngokholo .

Qhubeka wenze okuhle noma kunjani -Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu . 

Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.