Unethemba Kanganani ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaPhethru 3:15 Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini
Bengingakucela uke ume kancane uzibuke ukuthi uzizwa kanjani njengamanje ngokwemizwa yenhliziyo ? Futhi usakwenza lokho ake ngikubuze ukuthi uzizwa unethemba ,ugcwele ithemba kangakanani?
Le-exercise ingokukusiza ukuthi uzibuke ungonombono ngekusasa [optimistic] kangakanani kumbe noma cha .. Yebo sinemizwa ehlukene ezikhathini ezehlukene ,imizwa isengehla yenyuke.Nokho khona kunjalo umhlaba sibuka ngeso lemizwa yenhliziyo yethu . Impilo siyiqonda ngokwemizwa yenhliziyo yethu,Sibusisa siqalekise abanye abantu ngokokulawulwa yimizwa yenhliziyo yethu .Ngakho imizwa yenhliziyo isemqoka ngokungakholakali.
Ngakho ngakube uzizwa unethemba kumbe uphelelwe yithemba ? Ngesikhathi usacabanga ngalombuzo phuza nanka amandla avela eqinisweni leZwi likaNkulunkulu:
1 EkaPhethru 3:15Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini
Kuhlaba umxhwele lokhu ,nangu uPhethru umphostoli ebhalela abazalwane abahlushwayo kanzima ,ekholwa ngukuthi banalo ithemba nebala .Ewu Phethru mfowethu sikhulu lesingathekiso sakho !
Kodwa uma enhliziyweni yakho uyamazisa umnika iqholo elimfanele uJesu ngokokuba yiNkosi noMsindisi ,uma uhlale zikhathi zonke usenkazimulweni ngesiphambano sikaJesu nalokho akwenzela khona ,uma uhlala eZwini laKhe futhi uvumele uMoya kaNkulunkulu enhliziyweni yakho ehlise amandla ,ithemba elicacile kuKhrestu liyozigelezela lizigingqikele lona usuku nosuku kuwe njengokuba ubusuku nemini kugeleza kungagejani .
Futhi shlobo sami ,abantu bayaqaphela .Bayaqaphela ukuthi unethemba noma noma awunalo .Ngubufakazi bakho kubona lobo .Ngakho njalo njalo phezu kwakho konke enhlizizyweni yakho mhloniphe uKhrestu eyiNkosi.Okunye sekuyozigelezela .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.