... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Asibuyele KuJobe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 23 :10-12 Ngokuba uyayazi indlela yami;Esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide. 1 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga. 1 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

Listen to the radio broadcast of

Asibuyele KuJobe


Download audio file

Kulula ukuba nethemba ngekusasa lakho uma konke kuhamba kahle .Kodwa uma kungahambi kahle ,kungangena umoya wokungabi nathemba nokuphonsa ithawula .Futhi asithembeke ukuthi yilokho okuvese kwenze izinto zibhebhezeleke phambili . 

Sake saxoxa ngolunye usuku ngomuntu owayeseThestamenteni Elidala uJobe ,okwathi ezimweni ezazinzima owayengcengca kuzo nokho wakwazi ukuphila engamsoli uNkulunkulu .Kwesinye isikhathi kwakuye kushube impela ahlanganise imihlathi futhi ngiyakholwa ukuthi  kwezinye izikhathi kwakuye kwehle nezinyembezi. 

Nokho wayekwazi ukuthi athi : Ngokuba uJehova uphile ,uJehova uthathile  … malibongwe igama likaJehova . Futhi indlela eyodwa ayekwazi ukuma ekulahlekelweni kwakhe yisithunzi sezinga lakhe ,ngumndeni wakhe ,yingcebo yakhe cishe konke ayenakho…hle hle ake sivumele yena asitshele:

Jobe 23:10-12 Ngokuba uyayazi indlela yami;Esengivivinyile,

    ngiyakuphuma njengegolide.

Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;

    ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga.

 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

UJobe wakwazi kanjani ukuphila abekezelele izinhlupheko zakhe ?Ngokugona imiyalelo kaNkulunkulu .iZwi likaNkulunkulu phezu kwezimo zakhe ,phezu kwezinhlungu zakhe ,phezu kokugxekwa ngabangani bakhe ….phezu kwakho konke .Mina nawe uma sihlupheka sivama ukushenxa eZwini likaNkulunkulu ;sifuna ukuziphatha kabi futhi sizibe imiyalelo yaKhe . 

Ukuzibekela  … ukukugcina kuyinto eligugu kuwe ngamagama lawa ajulile 

Ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.