... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngombono wami

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 3:16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni

Listen to the radio broadcast of

Ngombono wami


Download audio file

Sonke ngamunye ,sinemibono ngezinto eziningi empilweni.Ngokokuthi yikuphi oku right nokungekho right .Ngepolitiki.Ngosaziwayo .Ngokuthi yikuphi okungekuhle ngamakhosikazi ethu ,abayeni bethu ,omakhelwane bethu njll.Nembala sonke sinemibono ehlukahlukene .Eminingi impela . 

Ngesikhathi ngilokhu ngiqhubeka ngibuka izindaba ezilethwa ekhasini lami ,kuya ngokunya ngibona ukuthi hle hle azizona izindaba,kodwa yimibiko ethulwa ngabanye abantu ,nawe ungazicabangela ,sisengathi nje  imibono yabo .

Manje kuyimvelo ukuthi sonke sibe nemibono kodwa akuyona yonke imibono e-right zikhathi zonke .Kodwa ake ume ucabange uma sikhanda ukuma okuthile ngomuntu mumbe kumbe ngento ;ngesikhathi sakha umbono wethu .Kahle hle sisuke sesizibeka esikhaleni sokwahlulela ,sibe ngabashushisi –imvama okusuke kungenabufakazi obuphathekayo ngokokuthi nabo lababantu bazozizwa kanjani ngesikusho ngabo . 

Iningi labantu bakaNkulunkulu –uyabazi laba abangazwile impela – abazibiza ngaMaKhrestu  –banemibono yabo ngeZwi laKhe. 

Athi umuntu : “Cha akunjalo,akwehli kahle kimi lokhu ngakho angikuthandi –ngizovese ngikuzibe” . Ngakho sigcina sesiphila emhlabeni wethu omncane ,owehlela phansi emigodini yofezela ngenxa yokwahlulela kwethu esakwenza  kuhlangene nemibono  yethu .

Nasi isiphaphamiso :  

2 KuThimothewu  3:16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni

Ngubani osinike izibhalo .NguNkulunkulu uqobo lwaKhe .Ingakanani ingxenye yezibhalo enomsebenzi ezimpilweni zethu ?  Zonke izibhalo ! Futhi yiZwi likaNkulunkulu liyilo aliwona umbono waKhe .Liyiqiniso . 

Ngakho ngakube uzonquma ukulilandela iqiniso laKhe namhlanje shlobo sami ,ngisho kungathiwa libukeka likugwegwisa  ngokwakho kwesinye isikhathi ,kumbe uzolandela imibono yakho ? 

Imibono ilula ,izinqumo zinzima .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.