... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhula Komqondo Kweqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:39 “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

Listen to the radio broadcast of

Ukukhula Komqondo Kweqiniso


Download audio file

Angazi kuwe kunjani ,kodwa mina angiphatheki kahle uma abanye abantu bengilimaza .Kwesinye isikhathi bangilimaza bengaqondile ,kwezinye basuke bekuhlosile .Kodwa noma ngabe kwenzeka ngayiphi indlela ,ngalesosikhathi kusehlela ,ukuphendula kwemizwa yethu okusheshayo ngukufuna ukuziphindiselela . 

Nansi indlela okusebenza ngayo ,mina nawe senziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu ,futhi loNkulunkulu oluthando ,unguNkulunkulu wobulungiswa ,okuyikho kanye okudingayo kuloNkulunkulu onamandla onke ofanelwe ngukuba yikho  , amen. 

Futhi njengokuba  mina nawe senziwe ngomfanekiso wakhe ,sinikwe intahantaha yothando olungakaleki nathi esithanda ngalo,phakathi kulo okunesakheko esijulile sobulungiswa . 

Kodwa asethembeke ukuthi ngesikhathi kunomuntu osichukuluzayo ,umuzwa wokuqala osifikelayo ngukulahla kude le uthando qede kuvuthe ubulungiswa kithi  …okungu re-acter okunxambili okugcina kusiholela endleleni yokuziphindiselela .UJesu wayekwazi kahle kamhlophe lokho ,okungamangazi kungakho washo lamagama  :

NgokukaMathewu  5:39  “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

Hmm. Akumnandi ukuthi umaka wokukhombisa ukukhula ngomqondo ngukuthi esikhathini sokulinyazwa ngomunye umuntu lakhona kufika umuzwa wokuziphindiselela ,ngukukwazi ukuzama ukumu –understander .Ngicabanga ukuthi yilona phuzu uJesu azama ukulenza lapha . 

Ngoba mase kuziwa kubantu abanjengami nawe emoyeni wethu wokudlubulundela kuNkulunkulu ,wasiphendulela esinye isihlathi ngokufa ngesihluku kukaJesu esiphamabanweni ukukhokha inani lezenzo zethu ezi wrong elabe lifunwa ngubulungiswa baKhe .

Phendula nesinye isihlathi futhi .

 Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh