Ungagqwali Ungatshodi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 63:1,3 Nkulunkulu unguNkulunkulu wami;ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena ,inyama yami ilangazelele wena ezweni elomileyo eligagadekileyo ,lapho amanzi engekho khona . Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ;izindebe zami ziyakukudumisa.
Bonke ubudlelwane ekuphileni kwethu busencupheni yokuba ndikindiki . Ubudlelwane obabe bugcwele isasasa ,bufudumele bunobungani obungachazeki – noma ngabe babebungowakwakho ,umngani noma uNkulunkulu imbala –lusuku lumbe buveze buzwakale sebupholile batshoda kwaphela lonke isasasa obabuyilona .
Angazi noma ubungacabanga yini njengamanje ngobudlelwane empilweni yakho osebuqala ukukhathala osebutshodile .Futhi usahleli uzibuza ukuthi ekaze konke lokhu kwenzeke kanjani ?
Iqiniso ngukuthi kubantu abaningi sikhathi thizeni ababenqume begcwele umlilo ezinhliziyweni zabo ,ukuthi bazophilela uJesu …ubudlelwane babo bukulesosimo sokukhathala .Butshodile .Kwenzeke kanjani lokho?
Yaah ,umsebenzi wokuphila impilo ngokulula nje nokubhekana nakho konke okumele ubhekane nakho empilweni kunomkhuba wokukudonsela kulolohlangothi.Mhlawumbe kungenzeka ukuthi kwakhona manje uzithola ukuleyongxenye yempilo eyihlane ,uzibuza ekaze wenze njani ngayo .
UDavide wayehamba ncimishi kulesosikhisi naye .Kahle hle wayesehlane lakwa Juda . Ngakho wakhuleka kuNkulunkulu :
Amahubo 63:1,3 Nkulunkulu unguNkulunkulu wami;ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena ,inyama yami ilangazelele wena ezweni elomileyo eligagadekileyo ,lapho amanzi engekho khona .
Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ;izindebe zami ziyakukudumisa.
Kubukeka kimi ukuthi sengathi isizathu esikhulu esingenza ubudlelwane bethu noNkulunkulu bugcine bugqwala bukhathala ,wukuphelelwa yintshisekelo enkulu yokumfuna ezinhliziyweni zethu .Sibeka kakhulu amehlo ethu emahlane esibhekene nawo esizithola kuwo size sikhohlwe ngukuthi kuleyondawo ,noma kuyiphi indawo yilapho kanye siluthola khona uthando lwakhe .
Ungagqwali .Yomela uJesu !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.