UNkulunkulu Wawuthanda Umhlaba Ogcwele Isono
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 3:16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Kungani uJesu weza kulomhlaba ? Kungani kungukuthi esikhathini esithi asibe ngangesonto sizobe sigubha ukuza kwaKhe ngohlelo olubizwa ngokuthi nguKhisimusi ? Kungani ?
Kulezinsuku ezimbalwa sibonile ukuthi yonke inhloso yokuza kukaJesu emhlabeni ngukusiholela eMbusweni kaNkulunkulu ,futhi indlela eyodwa kuphela yokungena kulowoMbuso ngukuzalwa ngokusha ngokuphenduka okunqala [ukuzalwa ngamanzi] nokuphila impilo yokwenziwa busha [ ngokuzalwa ngoMoya ] .
Lokho kwenzeka uma sikholwa ngukuthi uJesu wafa ukususa izono zethu nokuthi wavuka ukuze asinike impilo entsha ceke .Kodwa manje empeleni kanti kungani ukuba uNkulunkulu wathumela iNdodana yaKhe uJesu kulomhlaba ? Nansi :
NgokukaJohane 3:16Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka,
waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Yebo nebala yindima le ejwayelekile kwabaningi kodwa manje ngakube siyazi ukuthi iqonde ukuthini?
UNkulunkulu walithanda izwe kangaka ,waze ….igama lesiGrekhi elisebenzisiwe lapha ukuchaza izwe/umhlaba lithi “ Cosmos”.Lisetshenziwe ngokungu 186 kwi Thestamente Elisha futhi njalo uma lisebenza ligcwele umqondo wokuchaza izwe ngokobuzwe besono .
Omunye umhlaziyi weZwi ubhala athi : Kuyamangalisa ! UNkulunkulu othanda izwe eligcwele isono .
Yebo! uNkulunkulu uyasithanda isoni .Akusikho ukuthi uKhrestu weza ukuzosisindisa singekho isono .Kunomehluko omkhulu la .Lowomehluko wuthando .Uthando olukhulu ngangokuthi awekho amazwi angaluchaza .Yisona sizathu kanye .Yilokho okwaqhuba uNkulunkulu .Futhi uma ukholwa nguJesu ,ngiqonde uma umkholwa ngokwempela ngokokujula kwenhliziyo yakho ,ngempilo yonke ,nakanjani ngeke ulahlwe ,sewuvele sewungenile ekuphileni okungunaphakade .
Uzelwe ngokusha ?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..