Yiba Ngonothando
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 2:8,9 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
Kukangaki wehlulela incwadi usayibuke i-cover nje ungakayivuli? Imvamisa kukaningi kuba kanjalo …angithi ? Kuyafana kithi sonke ,sivamisa ukwenza kanjalo .
Ake sijule kancane ngalombuzo . Ngakube uba nokucabanga okuthe ukwehluka uma uhlangana nomuntu okhuluphele eqhuma ,uma kuqhathaniswa nomuntu obizwa ngokuthi ungogcwele kahle nje ngokujwayelekile ? Kumbe uma kuqhathaniswa nomuntu ogqoke kahle ,kunomuntu ongagqokile ngenhlela enhle ? Kumbe umuntu obukeka kahle ,mayeqhathaniswa nomuntu ngokwethu esiye sithi akabukeki kahle ? Umuntu onezibele kuwe kononganazo kuwe?
Ngikholwa ngukuthi uyangithola . Sonke sibuka sihlulele incwadi ngokubukeka kwe –cover yayo .Futhi okuthi singazange sacabanga ngokujulile ,sivese siyidlule kalula singayinaki eshalofini .Yiyona ndlela okuyiyo lokho ngeshwa .Hmm.
EkaJakobe 2:8,9Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda
umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
Wow,mhlawumbe awukaze ukucabange ngaleyondlela phambilini .Yinto le e-serious kuNkulunkulu ,ngoba umuntu ngamunye ,kungakhathalekile ukuthi ubukeka ethandeka kithi noma cha ,wenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ;uthandwa nguNkulunkulu ,ndlelanye nathi asithanda ngayo !
Ngakho ,izinga okumele siphathe ngalo abanye abantu , ngokuhambisana nathi noma kungahambisani nathi ,lisobala nanti yileli :
“Wothanda
umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,”
Shlobo sami lokhu akukhona ukucabangela nje ,kube sengathi yinto enzima esinda satshe ukuyenzeka ,iyenzeka .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.