... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Mangase Kuthiwe uNkulunkulu Ubethi Thushu Emnyango.

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 7:14 Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso,bheka intombi iyakukhulelwa izale indodana,ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

Listen to the radio broadcast of

Mangase Kuthiwe uNkulunkulu Ubethi Thushu Emnyango.


Download audio file

Umthandazo owodwa enginawo ngawe ,kunye nenqwaba ezoba yingxenye ukulalela lengosi yeFRESH namhlanje yilo: owokuthi njengokuba sibheke kuKhisimusi ,sengathi izinhliziyo zingalungela ukumukela ,zivuleke ukwemukela ,zilangazelele ukwemukela. Kulezinsuku ezimbalwa esezisele phambi kokuba kube lusuku olukhulu,uhlele ukubhekana kanjani noKhisimusi?

Ngakube konke kuwukhwishiza kokusheshiza,ukuqeda zonke ezinto emsebenzini,ukuthenga lezozipho zokugcina nokudla bese….ugingqikela osukwini lukaKhismusi ? Yilona hlelo lwakho lolo?

Uma kuyilona ,nokho ungangizwa njengokwahlulelayo kuloludaba,lokho kuyinto yokugcina olungayo,uma kuwukuthi yilona luhlelo lwakho,ngicabanga kuyadabukisa ngoba ngoba ma wufika kuKhisimusi usukhathele undikindiki ,uvese uzwakale uyigobosi elingenalutho. Manje ake ucabange ngalokhu .UNkulunkulu wasebenzisa iphakade ehlela uKhisimusi ,iphakade loqobo.

Kwabe kuwuhlelo olusobala nokho olujulile ngamandla.Futhi okwathi phambi kweminyaka engu 700 phambi kokuba luzalwe loluhlelo kulomhlaba,wasinika umqondo ofuphi ukuthi lungani : Isaya 7:14 Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso,bheka intombi iyakukhulelwa izale indodana,ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

Yebo,sonke siyazi ngokushiwo ngoMariya ukuthi wayeyintombi nto lokho okwenza ukuqiniseka ukuthi uNkulunkulu unguYise kaJesu ngokomoya nangokwenyama. Kodwa ukhiye kuloluhlelo owawuzovela ,ukuleligama Immanuel. Elichaza ukuthi “ UNkululunkulu unathi” .Loluhlelo lwabe lungolukaNkulunkulu ukuzongena kulomhlaba enjengomuntu.UJesu.

Yingakho kimi ,umqondo wokwenza uKhisimusi usukhathele kweqe ,awumuhle.UKhisimusi kusuke kuwuNkulunkulu ethi thushu emnyango evakashele kwakho /kini.Yilokho kanye esikugubhayo. Ngakho zenzele okuhle.Lungela .UKhrestu uyeza.Futhi loJesu ufuna ukuzongena nsukuzonke kwakho/kini,kulolonke uhambo lwempilo yakho.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge