Ngivese Ngayilahla
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 13:34,35 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
Akekho kithi oke athande ukuvuma ukuthi ubesephutheni…kodwa uthole ukuthi ezigabeni eziningi sikulona.Futhi kwesinye isikhathi ukuba sephutheni kwethu kugcina sekulimaza nomunye umuntu.Khona kanye kulesosimo ,sinezinqumo ezinqala ezinzima ukuzenza .
Uma kungukuthi sewuke waba sekukhuliseni i-teenager uyazazela ukuthi kubiza ukubekezela okuningi ngaphezu kongqubuzano olwenzeka izikhathi ngezikhathi.Omunye uzakwethu owayekhulisa i-teenager lentombazane wake wagcina esezithola kunguye osecaleni elisephutheni ongqubuzwaneni lwabo ngokuthile ngenxa yokuthi wenza okwedlulele ngenxa yenhliziyo.
Futhi uma ungumzali uyazazela ukuthi kunzima kabi ukuvuma ukuthi iphutha libe ngakuwe ,ikakhulukazi uma kunguwe osegunyeni,ngakho indlela elula kuvese kuba wukukuziba kuzidlulele khona.Ukhohlwe ngakho .Qede uqhubekele phambili nempilo.
Kodwa sikhathi ushiya izinto zizipholele zona usuke futhi upholisa nobudlelwane benu bugcine bungobudambile sebuyigobolondwe bungasenabumnandi.Ngakho lozwakwethu ,wavese waqunga wazehlisa wazithoba ,wambiza undodakazi qede waxolisa wacela intethelelo kuye.
Mhlawumbe kungenzeka wumuzwa wami ukuthi ukwenza into efana nale akukho lula .Kodwa uJesu wathi:
NgokukaJohane 13:34,35 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
Futhi uma sithi umuntu siyamthanda,asikwazi-ke ukushiya lobobudlelwane ,lowomuntu ,elimele ngento eyiphutha eyenziwe yithina .
Uma sithi umuntu siyamthanda ,nakanjani simelwe ukulungisa la sihhadlazelise ubudlelwane bethu naye.
Uthando luyisenzo .Luyigama elenziwayo.Futhi ayikho into ekhombisa ukuthi uJesu ungubani ,ngaphezu kokuveza uthando lwaKhe ezimweni ezinzima ….ngisho zinzima kangakanani ,zisibiza nani lini
Nithandane ,njengalokhu nginithandile .
Uthando luyinto ebonakalayo nenamandla
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..