... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izisekelo Ezijulile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 18:2 Jehova uyiDwala lami,nenqaba yami nomkhululi wami,uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.

Listen to the radio broadcast of

Izisekelo Ezijulile


Download audio file

Elinye lamaphutha amakhulu esingalenza kwadlula wonke amanye ,elokuthi sizitshele singakwazi ukwakha impilo enhle ngaphandle kwezisekelo eziqinile.Abaningi baye bazame ….wena ongafunga ukuthi isakhiwo esingenaso isisekelo esiqinile soke silokothe sime !

I-devotion ye-FRESH namhlanje iyafundwa ,ilalelwe futhi iyabukelwa umhlaba wonke ngezilimi eziningi ezahlukene. Kodwa noma ngabe ukuphi nomhlaba ,ake sibuke i-Sydney Harbour Bridge yakwelase Australia.Leli bridge lisebalazweni  lomhlaba ,uzakwethu uhlala nje eduze nalo .

Uthi wake waba nomngani owayemvakashele eqhamuka kwelase US eMelika,ngakho wase ethi ukumlulisa izinyawo ukuyobuka leli-Bridge ngaphansi ,ngekhonco -abantu abaningi abangavamisile ukulibuka ngalo .

Angikutshele Mlaleli uma ulibuka ukulelokhonco uyabubona ubukhulu balo obumangalisayo .Inqwaba nqwaba yogqinsi lwezinsimbi ezahlanganiswa ndawonye ,zabambeka zathula zathi tuh,qede zapendwa ngamagalani angu 60 000 [272 000 ltrs] kapende  futhi usuku ngalunye lithwala izimoto ezidlula kulo ezingu 200, 000…izisekelo ezinkulu zaleli Bridge zishona phansi edwaleni eliqine ngqi ,okuyilo lelidwala elenza lelibridge lingasindwa sanhlobo umumumatho wezimoto osindayo .

Futhi uma ukucabanga lokhu ,kunomuthwalo nomumatho  omkhulu phezu kwempilo yami neyakho .Ake ucabange nje izinto ongena kuzo,imithwalo esindayo okubiza ukuba uyithwale ,ubuningi bezimoto obungalawuleki ,okuyitraffic okubiza ubhekane nayo empilweni yakho usuku nosuku .Uma ungenaso isisekelo esishona phansi sibambelele edwaleni eliqinile ,kuhamba kuhambe uvese ukhathale uthi qih phansi nomthwalo wena owabona imbongolo isilahla umthwalo ngenxa yokusindwa .Ngeshwa yiyona mpilo leyo abantu abaningi abayiphilayo.

Amahubo 18:2 Jehova uyiDwala lami,nenqaba yami nomkhululi wami,uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.

Xhantisa izisekelo zakho endaweni efanele,edwaleni eliqinile  bese uzakhe ziqine kakhulu .INkosi makube yiYo iDwala lakho.Enye yezindlela ukwenza izisekelo zakho ziqine zibe sendaweni efanele ,wukulalela uNkulunkulu ,umukele iZwi laKhe usuku nosuku enhliziyweni yakho.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge