... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okungasoze Kwacabangeka Sanhlobo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 2:6-8 Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade .Kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso,belalela ukungalungi,bothola ulaka nentukuthelo.

Listen to the radio broadcast of

Okungasoze Kwacabangeka Sanhlobo


Download audio file

Kuyamangaza ukuthi ama-experience esesibe nawo empilweni asenza sicabange ngokuzikalela izinto esisengaba namandla okuzenza,esikucabanga ukuthi akuyikwenzeka kukude le kwikusasa.Okuthi kwabaningi,kabuhlungu,lokho okungagcina kubaholela esihogweni esingunaphakade.

Ngomhlaka 17  December 1903, U-Orville no Wilbur Wright benza ngokokuqala emhlabeni wonke , ibhanoyi elinamandla elikhulu elilawulekayo.Phambi kwaleyo minyaka kwakunjengephupho ukugibela ebhanoyini ningene ngobuningi benu njengebhasi uqobo,akekho owayeke ayicabange leyonto.Kulezinsuku kodwa sekunabantu abayizigidi abagibela amabhonayi njengamatekisi.

Ngomhlaka 3 December 1967, U-Dr Christian Barnard waba ngowokuqala ukuhlinza inhliziyo .Isiguli sakhe sokuqala sakwazi ukuphila izinsuku nje ezingu 18.Phambi kwaleyominyaka kwakungacabangeki sanhlobo ukuthi koke kube khona inqwaba yabantu eyohlinzwa izinhliziyo ifakwe iwashi,baphinde baziphilele impilo ejwayelekile nje.

Eminyakeni nje engu 30 edlule ,kwakungacabangeki amandla okuphila impilo encike kwi-internet ngalamandla i-internet ekuwo njengamanje.Namhlanje iyithuluzi elinamandla kakhulu kubantu abayizigidigidi.

Namhlanje kwabaningi,indaba  kaJesu,yezulu nesihogo,yinto engacabangeki sanhlobo .Kodwa okuyinkinga ngukuthi lezizinto ebesingazicabangi yizo kanye ezihlale zenzeka zikhathi zonke .Ubhala umphostoli Phawuli athi…


KwabaseRoma 2:6-8 Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade .Kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso,belalela ukungalungi,bothola ulaka nentukuthelo..


Eminyakeni engu 2 000 eyadlula uNkulunkulu wasibhalela isimemo egazini leNdodana yakhe esiphambanweni entabeni ebizwa ngokuthi yiKhalvari.Sifundeka kanje:


Ngiyabuya.Futhi nayo yonke lendaba yesiphambano yenzelwa wena.Kungani ungezi kimi? Kungani ungalibeki ithemba lakho kimi? Ngikufuna ube nami kungunaphakade lonke.

Selisayiniwe ngegama elithi -JESU

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge