UNkulunkulu uyakubiza
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 15:33 Sekufikile ihora lesithupha ,kwaba mnyama emhlabeni wonke.kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: “Eloi ,Eloi lamasabaktani” ,okungukuthi ngokuhunyushwa -“Nkulunkulu wami ,Nkulunkulu wami ungishiyelani na?”
Kwabanye abantu ,uJesu ungokhona .Kwabanye ukhona nje ngokungatheni.Umuntu athi ekugcineni kwakho yimuphi umthelela anganawo kulesikhathi esiphila kusona? Kulobutasa bempilo esibuphilayo yiliphi nje iqhaza angaba nalo?
Kulula ukuba nokukholwa kuNkulunkulu okungumoya wamaphepha nje okululana-ukukholwa ongafunga kunjengokujoyina umasingcwabisane ukuthi makwenzeka nje ngifa ,makwenzeka nje likhona izulu nesihogo.Mhlawumbe uyakhala kuNkulunkulu ezikhathini zokuxakeka kodwa indaba yakho ivese iphelele khona lapho futhi.
Yah ,makuya ngoba nguwe lowo sihlobo sami,ngikholwa ngukuthi namhlanje kunento uNkulunkulu afuna ukuyikhuluma kuwena.Akabhekile ukukholwa okululanyana ,okumenza umbone ekhona kodwa eqhelile ele kude.Ngamhla ubunjwa esibelethweni sikaMawakho ,wayekhona,Wakubona.
Kahle hle ngisho ngaphambi kokuba kuqale isikhathi,wayevele eseyihlelile impilo yakho ,ukuthi uyoba ngubani ,nokuthi kuyokwenzakani empilweni yakho usuku nosuku.
Ngisho nalesikhathi ,khona manje ,ezokutshela ukuthi:
Ngiyakuthanda.Angikufuni uqhele ngamalengiso kimina.Ngikufuna usondele kimina.Yingakho ngathumela iNdodana yami.UJesu.Uyizwile leyondaba.Uyazi ukuthi wahlupheka kanjani esiphamabnweni,nokuthi wakhala wamemeza kanjani esebuhlungwini.
NgokukaMarkhu 15:33 Sekufikile ihora lesithupha ,kwaba mnyama emhlabeni wonke.kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: “Eloi ,Eloi lamasabaktani” ,okungukuthi ngokuhunyushwa -“Nkulunkulu wami ,Nkulunkulu wami ungishiyelani na?”
Kwakuyikhona kukhala kwami lokho.Kwakuyikhona kukhala kwami kuwe lokho.Awuboni ukuthi ngikuthanda kangakanani? Ungabe usaqhubeka ungizibe.Sondela eduze kimi.Ngifuna ukukunika impilo entsha.Impilo enothile,egcwele ukuphila.Impilo unami eyoqhubeka phakade naphakade.
Namhlanje sihlobo sami ,ngikholwa ngenhliziyo yonke yami ,ukuthi uNkulunkulu uyakubiza ,uyakukhalela …uthi : Awuboni kodwa namanje? Awuboni ngikuthanda kangakanani? Zinikele kuYe !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.