The Via Dolorosa – Indlela Yosizi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 27:28-31 Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu ,aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
Uyazi ukuthi usakha kanjani isithombe ekhanda lakho sento ozwile ngayo ,kodwa okuthi ekugcineni mase uyibona ,akube kusaba njengalokhu obukulindele angithi ?
Ngangide ngipheqa ezithombeni ezashuthwa ngu -Ken Duncan encwadini yakhe ethi, “Where Jesus Walked” ngabe sengizithela esithombeni sohambo oluya esiphambanweni [Via Dolorosa] –Indlela Yosizi.
Yindlela le eyahanjwa nguJesu esuka ejele ayevalelwe kulo eya ekubethelweni,egxaza igazi futhi eshayiwe, ehudula isiphambano sakhe.Angazi kungani ,kodwa engqondweni ngangilindele ukuthi kuzoba ngumgwaqo ovulekile obanzi.Ayinjalo kodwa, incane ngokuminyene.
Kuyo leyondlela kulezinsuku sekunesitolo esinokubomvu nokumhlophe esinophawu lwakwa Coca Cola . Lokho ngangingakulindele. Kodwa uyazi ukuthi nginesiqiniseko ukuthi ngesikhathi ezihudula ehamba kulendlela okokugcina ,kwakunabahwebi ematafuleni abo beqhuba umsebenzi webhizinisi ,bema ukuze babone izibukeli zihambe zima zithenge okuncane kubo.
NgokukaMathewu 27:28-31Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu ,aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
Indlela Yosizi. Ngumgwaqo lo uJesu awuhamba ngenxa yami nawe.Ehlupheka ukuze thina sibe ngabakhululekileyo.Futhi uma sifuna ukumlandela ,kuluhambo olufana ncimishi esidinga ukuluthatha .Olucinene nolunobuhlungu ….yiyona ndlela le ebheke esiphambanweni
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..