Ubudlelwano Bothando Obunomzwangedwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 138:8 UJehova uyakufeza okwami,Jehova umusa wakho umi phakade,ungashiyi imisebenzi yezandla zakho!
Uzolusebenzisa kanjani usuku lwakho namhlanje? Uzobe ungungwe ngabantu kumbe uwedwa qhwaba…kumbe kokobili? Noma ngabe usuku lwakho namhlanje luzoba njani ,kodwa kunento eyodwa emile .Ngeke ube wedwa.
UKhisimusi usengaba yisikhathi esingumzwangedwa kwabanye bethu ,bezizwe besele dengwane beshiywe ngabathandiweyo babo ,esikhathini lakhona ngabe babangungile ,kube yisikhathi sentokozo emndenini.
Kodwa akuhlali kunjalo.Ngisawukhumbula omunye uKhisimusi eminyakeni engu 25 eyadlula ,la ngazithola khona ngingenamuntu eduze.Ngavuka ngenza i-cofffee ,kodwa ngesikhathi ngiqhubeka ngilenza ngazizwela umzwangedwa ,kuthe cwaka endlini.
Ngakho ngahlala phansi ,ngazinika isikhathi noNkulunkulu.Kwavese kwehla izinyembezi ebusweni.Ngangigcwele umzwangedwa.Kodwa kuyo kanye lendawo engangizizwa ngingedwa ,okwathi uma ngizipha isikhathi noNkulunkulu ,kwehla into engingenakuyichaza ngamagama .
UNkulunkulu wavese wabakhona futhi wangigcwalisa ngobukhona baKhe nothando lwaKhe ngendlela ephambili ekhethekile.Kwakungakholakali.Uyazi eminyakeni eminingi,Ngiye ngokuya ngithola ukuthi sikhathi sinye kujula isidingo sami ,kusikhathi sinye lungihaqa ngokungachazekiyo uthando lwaKhe .
Kulezinsuku njalo ngoKhisimusi nginomndeni wami omuhle kakhulu esiba ndawonye nawo,kodwa angisoze ngawukhohlwa lowaKhisimusi engaba nawo nginomzwangedwa qede uNkulunkulu waba kunye nami kwaba wuKhisimusi ophambili kakhulu ,yonke leminyaka lokho kuhlale kukusha kimi.
Amahubo138:8 UJehova uyakufeza okwami,Jehova umusa wakho umi phakade,ungashiyi imisebenzi yezandla zakho!! Ngakho noma kungathiwa uKhisimusi wakho ukuphatheleni namhlanje ,ngicela ukukukhuthaza ubuyele eceleni ,ube wedwa noNkulunkulu phaqa,bese uyazizwela wena luqobo isimanga sobuKhona baKhe ,yebo isimanga sothando lwaKhe.
Bese kuthi ekwenzeni lokho usakwenza ,sengathi wena kunye nabathandiweyo bakho babe noKhisimusi oyibusiso ngokweqiniso elimangazayo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..