Ukubheka Lolo “Suku”
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 EkaPhethru 3:12,13 Nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na? Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.
Ngingakubuza ukuthi ngakube ukujahile ukuphela kwempilo yakho kulomhlaba ? Abaningi bethu cha abakujahile ,futhi ngakwelinye icala kumele kube njalo . Kodwa uma ukholwa nguJesu ,ngiyakutshela wena ,kumele engabe yinto oyijahe kakhulu le .
Kuzwakala njengokufisa into engemnandi ? Futhi uma ngingakhuluma ngozakwethu owake wacisha wazibulala ,lomuzwa uwuqonda kangcono ,uma impilo ikufaka kulowomuzwa wokufuna ukuzibulala ,ungalokothi sihlobo sami .Ngalesosikhathi wayengenalithemba . Wayengaziboni ephila kolunye usuku ,angisayisho eyeminyaka engu 27 aseyiphilile emva kwalokho konke lokho kwakunjengento engesenakwenzeka .Kodwa uNkulunkulu wayekhona kuleyondawo,wamnika ikusasa yena owayengeke alokothe alicabange ukuba lingakhona ukwenzeka .
Unempilo emangalisayo ayihlelele nawe sihlobo sami futhi . Ungalenzi iphutha kuKhrestu kuhlale njalo kunethemba . Kodwa kuyithemba futhi elihamba ledlule ngisho kulomhlaba ,ithemba losuku oluhlelwe nguYe ngamhla esozosithatha siye ekhaya kunye naYe esikhathini saKhe asihlelile .
2 EkaPhethru 3:12,13Nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe,
kuncibilike, na? Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.
Ingunaphakade likuphelelisa konke .Isikhathi sethu lapha emhlabeni singukugcobhoza nje okuncane uma kuqhathaniswa nobuhle bokuba sebukhoneni noNkulunkulu ingunaphakade ,kulabo abakholwa nguJesu .
Nakanjani simelwe ukuphila impilo echichimayo uJesu eza ukuzosinika yona . Kodwa simelwe futhi ukubheka silangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu,ngaphezu kwakho konke okunye
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.