Ukundiza ngaphansi kwe-radar
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 6:1 Kepha qapelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabanto,ukuba nibonwe yibo ,funa ningabi nawo umvuzo kaYihlon osezelwini.
Ngingabuza umbuzo ongekho ntofontofo? Kusezingeni elingakanani kuwe ukuphilela ukubonakala? Kusezingeni elingakanani kuwe ukufuna bacabange ,bakhulume okuhle ngawe futhi bakuhloniphe kakhulu? Ungasho?
Siphila emhlabeni onkonzo yawo wubu Celebrity [ukuvelela] ,izwe lakhona ingane encane ivese ibe negalelo lokuphatha kwi instagram,ibe nabalandeli abamangazayo abangamakhulu ,kwesinye isikhathi abayizinkulungwane ,ngisho nezigidi imbala.Kuyamangaza lokhu.Bese nathi sifakeleke umqondo wokuthi simelwe ukuchuma sidume saziwe ,kungenjalo siba nomzwangedwa wokuthu siyizehluleki empilweni ,sisaqhwanda ndawonye.
Ukuba wumuntu ofuna ukubonwa kuyinto embi ngoba kuchaza ukuthi uqhutshwa yimpakamo futhi njengokuba sazi zikhathi zonke uNkulunkulu umelene nabazidlayo /abazitshelayo.
Futhi uyazi kuthi mina uma ngicabanga abantu okuyibona engibahloniphayo abanawo lomqondo.uMfundisi wami wayengumuntu ozinikele kakhulu ekusizeni abampofu ,enjengami.Omunye umngani wami wakwelinye izwe ,onomoya omuhle wazinikela impilo yakhe ukudabula umhlaba ngenxa yothando lukaKhrestu.Kodwa soze wabazi sanhlobo ukuthi bangabangabantu ababukeka kanjani.
Kuvese kube sengathi labantu abanomongo namava amangaka bafihlekile ababonakali sanhlobo kwiningi lethu .
UJesu wayenjalo .Akazange ayofuna ukuba itheology yakhe ishayelwe isitembu ngabaholi bezenkolo besikhathi aphila kuso.Kunalokho wayeziphilela nabantu abanganakekile nje emphakathini.
Uyazi engiye ngikubone wukuthi uma sishesha sifika ekutheni usebenze kodwa ungavelele emehlweni abantu ,kusikhathi sinye oba nokuthula ngokokuthi ungubani nokuthi yikuphi lokhu uNkulunkulu akubizele ukukwenza .
NgokukaMathewu 6:1 Kepha qapelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabanto,ukuba nibonwe yibo ,funa ningabi nawo umvuzo kaYihlo osezulwini.
Musukuba nesifo sokuthanda ukuduma uvelele.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..