... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugcina Usubukeka NjengoMJaphani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 8:11 Uma–ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo, ehlala kini ,Yena owavusa uKhrestu uJesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

Listen to the radio broadcast of

Ukugcina Usubukeka NjengoMJaphani


Download audio file

Ngakho ngicela ukukubuza kuchazani ukuba wuMKhrestu ozelwe ngokusha? Kahle hle wazi kanjani ukuthi  unguye noma cha? Leyo yimibuzo emihle … ngoba ngeqiniso lempela ,abaningi balaba abazibiza ngokuthi bangaMaKhrestu abazi.

Eminyakeni eminingi odlule ngahlangana nensizwa  eyiMelikana igama layo okwakungu Tim.Yayinobuso obuyindilinga ,ithanda ukuba mfushane impela ,yayisukile phansi,yayisiqhakile ekhanda futhi ithe ukubeke ubhebhenene wentshebe okwempongo yembuzi. Wawuthi uma umbuka esiphongweni ubone ukuthi cishe unophawu lokuba yisivakashi eMelika.

Kodwa kwiminyaka ngeminyaka lensizwa ibisiphila eJapan ,okuthi mase usondela kuyo uthole ukuthi ,ngaphakathi inguMJaphane ngempela.Icabanga ,yenze izinto wena ongafunga ngumuntu owazalwa khona ngempela,nakuba ngaphandle ingabukeki kanjalo.

Futhi uyazi ngicabangiswa yini kanjalo? Yingoba enhliziyweni yakhe uyawathanda AmaJaphane futhi uzinikele kuwona,useze wabe njengomunye wawo.

Omunye sewake wangibuza ukuthi kuchaza ukuthini “ ukuba wuMKhrestu ozelwe  ngokusha”Hhiya nebala mina ngicabanga lokho kuncimishi njengodaba luka -Tim  nobuJaphane bakhe.

Uma wemukela uJesu enhliziyweni yakho,kuyisinqumo nokuzinikela ukumbeka phambili ekuqaleni.

Uma ungibukaa ngaphandle ,kusonekwenzeka nginophawu esiphongweni ngithi thushu nje , lokuba ngowokudabuka KwaZulu .Kodwa ngaphakathi ngingumuntu omusha  ngoba ngamhla ngizinikela kwathi lowoMoya kanye kaNkulunkulu wahlala ngaphakathi enhliziyweni yami.

KwabaseRoma 8:11 Uma–ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo, ehlala kini ,Yena owavusa uKhrestu uJesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

Ukuba ngokaJesu kuchaza ukuphila  impilo entsha  ceke ngokuphelele,eguquliwe kusuka ngaphakathi kuze kunanele nangaphandle.

Yebo linamandla iZwi lika Nkulunkulu liguqula  impilo yomuntu ,nebala eyakho uqobo ,ingaphinde ifane nakuqala.Yilokho uNkulunkulu afuna ukukwenza kuwe namhlanje ,aphefumulele impilo entsha kuwe.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge