Ukupha Ungagodli
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 21:26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke ,kepha olungileyo uyaphana engancishi.
Sewuke uzibuze ukuthi “ngiphe kangakanani ”? Mhlampe mayelana nesidingo emndenini wakho ,emsebenzini weNkosi kumbe kwabampofu noma abaswele . “Nginikele kangakanani ” ngumbuzo esimelwe ngukuzibuza wona kaninginingi .
Futhi asikhulumi la ngemali kuphela . Kwesinye isikhathi izipho ezinkulu ,yisikhathi sakho ,ukuletha inkuthazo ,usizo lwemizwa yenhliziyo .Lezo zinto zibandakanya ukuzinikela kakhulu kwesinye isikhathi ngisho ngaphezu kwemali . U-C.S. Lewis wake wathi :
Angikholwa ngukuthi kukhona ongafika ekutheni kungakanani esingakunikela . Nginovala ngoba inqubo emile ngukunikela ngaphezu kongakugodla .
Yilokho esikubiza ngokupha ngenhliziyo evumayo .Manje umbuzo uthi : Uma sekuziwa ekunikeleni ngesikhathi sakho ,energy yakho , nokuningi … ngakube labo abaseduze nawe bazokukala nagalesikali qede bakwazi ukusho ukuthi upha ngesihle nawe ?
Umqondo ka -C.S. Lewis ekugcineni uyagqama ukuthi ugxile kakhulu eziBhalweni :
Izaga 21:26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke ,kepha olungileyo uyaphana engancishi.
Kulomhlaba esiphila kuwona ogcwele ukuqhakambisa izinto eziphathekayo ,kulula ukuzitshela ukuthi asithi mfi esinakho singakudedeli ukuze sikwandise . Inkinga ngalokho ngukuthi kuzala umqondo wokungabi nokwanele . Asilokothi sinele .Ngakolunye uhlangothi ukholo lwethu kuJesu lusifundisa ukukhipha sithokozile ,uNkulunkulu uyakuhlonipha lokho .Akakaze asenze sishode .
Yebo ngiyazi singashoda okwesikhashana ,kodwa ngithanda ukukuqinisa ukuthi mina nginobufakazi kuleministry esesiyiqhube iminyaka engaphezu kwengu 20 ukuthi asikaze sishode njalonjalo ,esikhathini la impela sibona isikhala uvese anganelele oMdala wezinsuku .
kepha olungileyo uyaphana engancishi.. Abaphanayo baba nakho kuchichime .Nikela ngaphezu kongakugodla .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..