Ukuthethelela Kuwukulapheka
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 6:14,15 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo,noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. 15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
Ukuthethelela yinto ozwa abantu bekhuluma ngayo kulelizwe lamanje.Kodwa ukuthole ukuthi khona kunjalo ngeke ziyeke izilonda ezenzeka ukuqhubeka zibhibha kuze kube ngukuthi siyabathethelela labo abayimbangela yazo kithi.
Kuyamangaza ukuthi baningi kangakanani abantu ababukeka bebopheleke emihuzukweni yezinto esezadlula ngokwenjikela engami yokungathetheleli.Futhi lokhu kuyinto enkulu kuJesu .Kahle hle waba nokubeka okuzwakala kuqinile kithi uma sehlulwa wukuthethelela.
NgokukaMathewu 6:14,15 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo,noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
Khumbula wuJesu osho lokho,akushiwo yimina .Futhi akuqondile kucacile ukuba kubonwe ngabantu bonke.
Siphila ngaphansi kokulindela okungamanga ,okuthi kumele kube nobulungiswa kuqala ngaphambi kokuthi sixole sithethelele.
Kodwa imvamisa kuyathukela ubulungiswa benzeka.Ngakho ,imvamisa umenzi ngeke abone amaphutha akhe bese asicele intethelelo.Ngakho imvamisa okubi okwenziwe kugcina kungalungisekile ,bese siyakugoqa ngendwangu enhle sikubeke kahle.Ebese kwenzakalani emva kwalokho? Hhiya nebala uJesu usibizela ekulahleni ilungelo lethu lokuphindisela ,ndlelanye naye enza ngayo ,kulesosiphambano esinobuhlungu.
Kucabange lokhu.Wanikela ngokuphila kwakhe ukuze mina nawe sithethelelwe.Lokhu kwakubukeka ku-fair kangakanani kuye,ngesikhathi elenga ngalezonsimbi ezisasipikili ezibuhlungu ebhotshozwa ngazo ezandleni nasezinyaweni zaKhe?
Yebo impela futhi ,ngamanxeba akhe sasindiswa.
Ngendlela efanayo futhi uma senza lowomnikelo ezinhliziyweni zethu-kuhlala njalo kunenani olikhokhayo ukuthethelela-Wasikhulula ebuhlungwini bamanxeba ezinto esezadlula. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..