... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ulindeleni ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mika 5:2 Kepha wena Bhethlehema Efratha omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda ,ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe oyakuba ngumbusi phakathi kuka Israel okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.

Listen to the radio broadcast of

Ulindeleni ?


Download audio file

Unenkinga uma ngikubuza ngqo ukuthi kuqhubekani enhliziyweni yakho usabheke kuKhisimusi ?  Ukuphi nesimo ? Ulindeleni? Yini othemba izokwenzeka? 

Kuyiwa kuKhisimusi wokuqala ,nakuba wawungabizwa kanjalo o wokuqala .Imizwa yesizwe sika Israel yabe iyingxubevange . Kusukela babuya ekuthunjweni eBhabhiloni ngo 518 BC, bakwazi ukuba nendawo abahleli kuyo yendabuko abayibiza ngabo kuze kube sesikhathini sobuvukela mbuso buka Maccabean eminyakeni ela ko  164 kuya ku  63 BC. 

Kulesikhathi kanye babefuna ozobakhulula ekubusweni ngamaRoma ,umkhululi uMesiya njengokuba uNkulunkulu wayebathembisile kumakhulukhulu eminyaka . Kodwa manje ….nansi inkinga eyaba  khona . 

UNkulunkulu wayesevese wathula ,wangakhuluma no Israel emide iminyaka le .Kwakuqhubekani ? Wayezofika nini uMesiya kanti?  

Babengesibo yini abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? Inkinga uhlelo lukaNkulunkulu lwaluhlukile kunokufisa kwabo .

Mika 5:2 Kepha wena Bhethlehema Efratha omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda ,ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe oyakuba ngumbusi phakathi kuka Israel okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.

Uhlelo lukaNkulunkulu kwabe kungukuthi eze afike ngokuzalwa uMesiya endaweni eyabe ingalindelekile .Nakuba wabe esenesikhathi eside ethule kodwa kwase kusondele ukuthi libhodle iBhubesi ….kodwa wangena kulomhlaba ngesimo sewundlu wangumntwana uqobo futhi esitebeleni sezinkomo . 

Akubanga yilokhu ababekulindele .Kodwa kwakukhulu kakhulu kunalokhu ababengakucabanga .UNkulunkulu wathumela uJesu ,uMsindisi womhlaba wamletha ngabo ,ukuze kusindiswe  mina nawe . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy