Wozani Ningilandele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 4:18-20 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Angazi kunini lakhona wagcina ukuzwa uJesu ekhuluma nawe? Kunini lakhona agcina ukukubiza ukuthi umlandele? Ungasho sihlobo sami ,kunini?
Ngangibuka isithombe esashuthwa yindoda ebizwa ngokuthi wu -Ken Duncan ,ngolunye usuku.Yisithombe somdobi esesikebheni sakhe oLwandle lwaseGalile ,indawo lakhona uJesu wathola khona uPhethru no Andrew ,uJakobe noJohane.
Lensizwa izigqokele i-jean ne –tracksuit ngaphezulu.Kuneqhuzwana lenjini yesikebha ngemva kwesikebhe.Lesithombe sangenza ngayibona yaseduze lendawo,indawo lakhona uJesu aya kuyo ukuthola abafundi baKhe.Hhayi ethempelini.Hhayi esikoleni sekhethelo seBhayibheli eJerusalema.Hhayi ngisho kwiSnagogi sasendaweni.Lutho,uJesu waya oLwandle lwaseGalile engxenyeni lakhona izikebha zokudoba ziphumela khona.
Kwakuyindawo ejwayelekile nje engatheni ,egcwele abantu abajwayelekile abaphansi nje abanjengami nawe ,okwathi ngalolosuku ekwenzekeni kwezinto,bahlangana naloJesu ongohlukile kubantu.
NgokukaMathewu 4:18-20 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Manje ungo-cleaner ama- net usuyapakisha emva kobusuku obebunzima “Ngilandeleni.”Lezinsizwa zenze njani? Zashiya ama-net azo ngokushesha qede zamlandela .
Okuchazanayo ngukuthi ,usakwenza lokho nanamhlanje.Abantu abajwayelekile endaweni ejwayelekile nje engatheni . Ngilandeleni.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..