Impilo I- Unfair
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Anginaso isiqiniseko noma sewake wakucabanga lokhu ngalendlela,kodwa yonke lendaba yomusa…i-unfair ngokungakholakaliyo.Ayinabulungiswa.UJesu ,umuntu omsulwa,wafela ukukhokhela inani lesono sami nesakho.Uma bengingathi lokho akukho unfair ,angazi kuyini! Kwesinye isikhathi ,impilo ayibukeki i-fair ,akubinjalo?
Ndlelana thizeni omunye enze oku-wrong bese kuthi ndlela thizeni ,kusibangele ukuthi silahlekelwe yinto ebesiyifuna ngempela ….lokho ku unfair ngempela! Kuyenzeka njalo empilweni,akwenzeki? Izinto zibe unfair ,bese siyakuzonda kakhulu ukudliwa yinduku ebingaqondene nathi -amachaphazelo.Siyakuzonda ukungabikho kobulungiswa.Akukho kuhle .Akumele bungabikho.
Ngakho ake ucabange nje umzuzwana ukuthi unguNkulunkulu.Nebala uhleli uthe zi ebulungisweni ,ngoba yilokho kanye uNkulunkulu ayikho. Okuright ku-right kuYe ,oku wrong ku wrong.Kodwa uma uzobuka abantu abafana nami nawe ubuke abantu obathandayo.
Umuzwa wakho wobulungiswa ukutshele ukuthi : “Bangigabhile.Abafanelwe bathole ukuphila okuphakade” .Kodwa inhliziyo kaBaba wakho oseZulwini ithi , “Ngiyabathanda kakhulu,ngifuna bezodla ingunaphakade benami.”
Yiyona mpambakwinci kaNkulunkulu ke leyo….Manje wenzenjani? Yebo nebala,wenza into e-unfair ngamalengiso.Uthumela iNdodana yakhe ukufela abafana nami nawe ,ukukhokhela inani lokuhlubuka kwethu,nokumlaxaza kwethu….izono zethu.Futhi okuthi mina nawe masikholwa nguJesu –kubiza lokho phaqa-uvese asivulele amasango eZulu masiza kuYe. Lokho-ke ku unfair ngokobuntu .UNkulunkulu ukubiza ngomusa.
KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..