... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugudlugudluza Okuseqhulwini Kithi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 9:36,37 Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”

Listen to the radio broadcast of

Ukugudlugudluza Okuseqhulwini Kithi


Download audio file

Ukwenza inkonzo kwabanye abantu kuyinto esaziyo siyadinga ukuyenza .Kodwa ngakolunye uhlangothi ,sikuthola kungelula ,futhi kungalubekeleki ukukwenza ,kubukeke kungenancazo etheni .  

Uma ucabanga kahle hle ukusiza abanye abantu ,wenze utho ngenxa yabanye ,yilokho kanye okwenza umhlaba  uqhubeke ujikeleza . Yikho sikwazi ukuphila ezindlini esingazakhanga thina mathupha ,sishayele izimoto esingazikhiqhizanga ngezethu  izandla …ngisho into esobala ukuxubha amazinyo  ngezixubho esingazakhanga thina sazibumba zama ngalokhu eziyikho .

Ama –service amaningi adinga kube nenkokhelo .Yilokho kanye okwenza umnotho uqhubeke ujikeleza.Kodwa i-service ezishaya amakhanda yile yohlobo oluza mahhala –hle hle isuke ingemahhala ngokuphelele ,kodwa ngomnikelo walowo osuke eyiletha le service kithi .

Umnikelo owenziwa ngabazali ukukhulisa izingane zabo .Umngani ngisho isihambi sisiza umuntu thizeni .Yingakho ekufundiseni abafundi abakhe ngokuba  ngobukhulu beqiniso ….

NgokukaMarkhu  9:36,37Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi

kubo:  “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”

Ngokweqophelo lokuthi siletha inkonzo kwabancane kakhulu emphakathini abancane ezimpilweni zethu ,sikhonza uJesu ngakho .Ezingeni lokuthi sivula izandla zethu zothando  kubantu abaphansi abanganakekile  emhlabenii ,sivula izandla zethu kuNkulunkulu ngalokho .

Ubani lo akubizela ukumlethela inkonzo ? Ubani lo akubizela ukumthanda  nokumamukela ?  Ngokuba  ngokwezinga omthanda ,umkhonze ngalo –uzobe uthanda ,ukhonza ,umukela uNkulunkulu uqobo lwakhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.