... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INdlu Evulekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 2:46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.

Listen to the radio broadcast of

INdlu Evulekile


Download audio file

Ngiyazibuza ekaze igama elithi “ibandla” lichazani kuwe? Ngakube yisakhiwo (njengokuba kwabaningi kunjalo ). Wusikompilo lendawo yokukhonza ? Ngakube liyisakhiwo senhlangano [institution] ,umndeni  … yebo igama ibandla lichaza ukuthini kuwe?

Kulezinsuku ukuya ebandleni uyokhonza  sekumfiliba .Abantu bakaNkulunkulu abaningi baphela amandla .Abanye bathi sekuwumdlalo nje ukuya ebandleni uyokhonza.Abanye bazokutshela ukuthi balimalile babuye beshile enkonzweni .Mhlawumbe nobhubhane olusanda kuba khona nalo ludlale indima yalo . 

Kuwe kunjani? Lichazani igama ‘ibandla’  kuwe? Uxhumene ndlelani nomndeni wabakholwayo kuJesu Khrestu ? Ngesikhathi usazibuza leyombuzo ake sibuke ukuthi zazenzeka kanjani izinto ebandleni lokuqala : 

Izenzo  2:46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.

KwiThestamente siyatshelwa okungenani amahlandla ayi 13 ukuthi amakholwa ahlangana “kwindlu nendlu”.kumbe endlini kaKhoneliyu ,kweka Mariya ,eka Lydia  kumbe emzini womphathiziboshwa  njalo njalo. 

Noma ngabe ukhonza ngayiphi indlela ,kodwa kunezinto ezintathu okungamele thina singamakholwa kuJesu sizishaye indiva .

Okokuqala yinhloso yokuba kuhlanganyela  kunye nabafowenu nodadewenu ;leyonhloso yokukhuthazana okholweni ;leyonhloso yokutshela abanye ngoJesu .Okwesibili ,ukuzipha isikhathi nindawonye ,ebese kuzothi okusemqoka futhi ngokwakho ,ukudla ndawonye emakhaya enu ningabazalwane ,nikwenza ngokujabula nangentokozo.

Yebo ibandla lingukukhonza ,ibandla lingukufunda ,kodwa futhi ibandla liyinto engotho oluphathekayo nasekuphileni ,liwumndeni,nicobelelana izinhloso ezingukucabanga kunye . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.