Iphutha Elenziwa Ngamadoda (2)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 6:1,2,4 Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi..

Amadoda amaningi asephila impilo yokuqhela emindenini yawo ,ngokokuba ngumkhwenyana kanjalo nokokuba ngubaba ezinganeni. Futhi uyabona yisenzo esinzima esingalungile ukusenza leso singamadoda ngoba ekungabini khona kukababa onathando nogcwele uNkulunkulu ,lokho kuklaya imindeni isale imantwayintwayi ngenxa nje yokushoda kukababa .
Uyazi kwesinye isikhathi singena kanjani kulokhu .Sicabanga umsebenzi kakhulu kweqe ,sisebenze amahora amaningi ,singabi nasikhathi somndeni nakuba sithi sisebenzela wona ,lokho okwenza sithi uma sifika ekhaya ebusuku ,sifika sesi-drained ngendlela yokuthi asisakwazi ukuba naqhaza emindenini yethu sifuna ukuphumula phaqa asifune lutho eduze kwethu .
Ngakho sigcina sesizikhipha empilweni yemindeni yethu ,sigcine sizimele eceleni sizizamela ngezindlela zethu uku-recharger leli battery lethu eselimomeke laphela nya amandla ,kodwa kugcina kungenzeki kwakhona lokho .Yingakho amadoda amaninigi awakaze abe yingxenye yemindeni yawo ,amanye aseyahluleka .
Siyama ukwenza izinto ezidinga zenziwe yithi singamadoda .Ukuthanda omkethu ,ukuqondisa izingane zethu ,ukuqinisa nokukhuthaza ama teenager ethu ,sibe ngumbhoshongo wamandla lakhona amadodana ethu ebhekene nezikhisi zokukhula .
Ngeshwa ,maningi amakhosikazi azokutshela ukuthi abayeni bawo sebeyekile ukuqhuba umsebenzi wabo wobuholi emndenini ,baqhela la khona kusesigabeni esinzima kakhulu somndeni esesidinga indoda ngqo
KwabaseFesu 6:1,2,4 Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko,
okungumyalelo wokuqala onesithembiso: Nani
boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi..
Madoda kungumsebenzi wethu lo hhayi womama kodwa owethu ngqo ukubafundisa ukwazisa ubaba nomama sibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi ,angiliphinde lelo ngumsebenzi kababa lo hhayi kamama ! Ngumsebenzi onzima lo .Awungakho nje ukubatshela ngoNkulunkulu,kodwa ungokufaka [instill]inkambiso nenhlakanipho nothando lukaNkulunkulu lokho ukwenza ngokubakhombisa ngokuphila kwakho ngokwendlela ezobandlalela isisekelo sempilo size siyofinyelela ezizukulwaneni ezizayo .Lokho kudinga umfutho wamandla omkhulu .Kubiza ukukwazi ukuqonda nokuxoxisana nemizwa yenhliziyo .
Madoda azibuye emasisweni ,asibuyele emsebenzini wethu .
Ngeke ilunge imindeni ,ngeke lilunge iZwe uma sishiyele komama okuqondene nathi ngqo .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.