... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngubani UNkulunkulu Oyomenza Aqine ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Izikronike 16:9   Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”

Listen to the radio broadcast of

Ngubani UNkulunkulu Oyomenza Aqine ?


Download audio file

Enye yezinto engiyithanda kakhulu ngoNkulunkulu,yintshisekelo yakhe ukusisiza ;ukusinika amandla lakhona awethu ephela ,ukusihola asiphumelelise ngale ezimweni thina ngokwethu ebesingeke sakwazi ukuhamba siphumele ngale  kwazo .Lokho ngikuthanda isibili ! 

Futhi ezinye izindaba ezinhle, intshisekelo kaNkulunkulu ukungenelela asinike usizo ,ukusipha amandla amasha ,ukusinika ukunqoba phakathi ezimweni esikuzo . 

Ake ucabange ngalokhu ,uma unonakekelo ngomunye umuntu ,uma unokuhlabeka umxhwele ngakushoyo ,uyaqhubeka uvule indlebe engxoxweni yenu ,angithi ?  Uhlale umgqolozele amehlo uwathe njo kuye ngesikhathi ekhuluma ,ngoba ungafune kulahlekelwa naluhlamvana lwegama alushoyo .

Yebo noNkulunkulu wethu unjalo ,uyathula asibuke ezwe ukuthi sithini kuYe .Uyangenelela . Ufuna abantu angabaqinisa .Kodwa nansi indaba esikhombisa ukuthi uyakhetha kwazomlalela .Nansi la ekhona  :

2 Izikronike  16:9 Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”

Ngokokuchaza .u-Asa wabe eyiNkosi  yakwa Juda kodwa okwathi esikhundleni sokuncika kuJehova ,waya enkosini yase Siriya ;ngamanye amazwi wabe engathembekile kuJehova . 

Lalela ,uNkulunkulu akasiye uNkulunkulu ofuna inkosi ,kumbe ofuna usolwazi webhayibhayibheli kumbe uMkhrestu ongu Mr noma uMrs -perferct . Ufuna abaphansi abanjengami nawe inqobo uma bevule izinhliziyo zabo ukumuzwa .Ufuna abantu abanjalo ncimishi ..ukuze  … abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye

Kukhumbule lokho ngamhla ugigekile ngokuzayo empilweni .Hlala eduze naYe ,NaYe uyohlala eduze nawe ukukuqinisa akuphe amandla amasha .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.