Impakamo Encane Nje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 5:6,7 Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-2.jpg)
Uyawazi lomuzwa wokufuna abantu bathi ukucabanga kangcono ngawe ? Ulangazelelo lokubonakala ukuthi ungubani nakho konke okwenzile ? Lokho kukhomba ukuthi khona lapho kanye usuqalile ukugibela etsheni eliyintshelelezi emanzi elizokuthi shwi bhalakanxa ube ngamadixadixa mawuqhubeka nalo .
Angicabangi ukuthi kukhona into ebizwa ngokuthi impakamo encane. Impakamo inendlela yayo ,yokukhula ngamandla .Ngakho andukuba iqhumbuke , lololangazelelo lokufuna ukubonakala lokufuna ukugqama lungakhula lube yintshisekelo ekusanganisa ikhanda ; umuzwa wokuzizwa sifanelwe yishashalazi ongasidla usiqede .
Qha sihlobo sami .Angikholwa ukuthi kunento ebizwa ngempakamo encane .
Ibandla lakuqala laseKhorinte laligcwele ingxokozelo nokuzazi nempakamo .Ngakho uPhawuli walibhalela incwadi eqinile . Nakhu akusho ngaleyompakamo encane ababenayo eyayisiqalile .
1 KwabaseKhorinte 5:6,7Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo-Isinkwa sePhasika
Yeka isithombe esinamandla ,akuthathi mvubelo eningi ukubilisa inhlama, ukuba ikhukhumale ,igcwale umoya oshisayo uyibona isiyibhola ebholeni. Iqhuzu nje elincane lemvubelo elikwazi ukwenza lokho . Ngakho ithini impendulo ? Lahla yonke inhlama endala bese uqala inhlama entsha. Engenamvubelo sanhlobo .
Leyompakamo encane ayinandawo empilweni yalowomuntu ofuna ukulandela uKhrestu . Lutho sanhlobo .Ilahle kude le .Qala kabusha .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.