... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umusa Ophindiwe Ngaphezu Kobesingakucabanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 1:3-6 Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo

Listen to the radio broadcast of

Umusa Ophindiwe Ngaphezu Kobesingakucabanga


Download audio file

Isikhathi oqhubeke usisebenzisa ucabanga ngomusa kaNkulunkulu ,kusikhathi sinye uqhubeka uba ngokuguqla impilo yakho .Futhi ngisola ngokuqinile ukuthi yisona sizathu lendaba engaso .Umusa kaNkulunkulu  ungokusiguqula ngokunamandla ezimpilweni zethu !  

Yilokho ebesikwenza kuleliviki eliphelile sindawonye kulengosi , sisonga  izinhliziyo zethu emseni kaNkulunkulu onamandla owethululwe kithi nothululwa kithi uma sikholwa ukuthi uJesu wasenzela khona . 

KwabaseFesu  1:3-6 Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile
ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi
kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili
ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,  ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo.

Yebo sesivele sibusisiwe ngesibusiso sonke sokoMoya kuJesu Khrestu .Yebo sakhethwa kusukela  zingakabibikho izisekelo zomhlaba  ukuba izono zethu zesulwe ziphonswe kude le  kunye nokukhethelwa ukuphila impilo engcwele nengenasici ohambweni lwethu kwingunaphakade   ebuKhoneni baKhe .Kodwa ake uphinde lengxenyana esekugcineni  futhi .. 

ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,  ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo.

Mina nawe sakhethelwa phambili ukuba sibe ngabantwana baKhe ,ngomusa waKhe omkhulu awuthulula phezu kwethu .Umusa phezu komusa . 

Mina nawe singabafile  ezonweni  zethu .Ebese saba ngabaphilayo kuKhrestu .Uma kungukuthi lokho akuwona amandla oguquko lwempilo olunamandla angazi ukuthi ngingakubiza ngasilwane sini ingempela . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.