... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izithikamezo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 44:6 Usho kanje uJehova iNkosi ka Israel,noMhlengi wakhe ,uJehova Sebawoti ,uthi ngingowokuqala ngingowokugcina ,ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Izithikamezo


Download audio file

Ngethemba awunankinga ngokuthi ,ngingase ngikubuze umbuzo ohlaba ezinhlozini zamehlo.Ngakube uNkulunkulu usendaweni yakhe emfanele empilweni yakho,eyiNkosi yamakhosi kuwe,kumbe usevese wakhanywa yizo zonke ezinye izinto lezi ozenzayo? Ngitshele sihlobo?

Sewuke waqaphela ukuthi zingakanani iziphazamiso empilweni? Izinto ezithatha ingqondo yakho,ama-emails,ubucofocofo  bama phone,ukuyothenga ezitolo,izinhlelo ezingenamsebenzi kwi TV,nokuningi okunye .

Siye sizikhohlise sithi ,kuzokwehla ,kodwa akuyingeni ke leyo yokwehla ,kuke kulokothe kodwa? Kunalokho kuvese kubukeke kuya ngokuya kwanda kunyinyitheka.Kuqhamuke lokhu ,uthi usabheke lokhu nakhu sekumele ubheke lokhuya ,ugcina ungasenasikhathi ke lapho.

Okunye kwakho akuzona izinto ezinecala kumbe ezimbi.Wukuthi nje zigcina sezicindizela lezi ezisemqoka kakhulu.Sime sibuke emumva lusuku lumbe sizibuze ukuthi –kanti ingempela ingani yonke lento? UNkulunkulu ? Ayi useyoxola bandla ziningi izinto okumele ngizenze ezingibhekile.

 Isaya 44:6 Usho kanje uJehova iNkosi ka Israel,noMhlengi wakhe ,uJehova Sebawoti ,uthi ngingowokuqala ngingowokugcina ,ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

Incwadi ka Isaya iyindaba ebuhlungu esilandisa ngemiphumela ehlasimulisayo ngenxa yokuthi u-Israel embeke eceleni uNkulunkulu wathi ‘bhande awungigxeke kancane’ kengithi ukuzimela.Bagcina bengabathunjwa ,beyizigqila eBhabhiloni….kwaze kwaba uNkulunkulu uyabakhulula emva kweminyaka engu 70.

Futhi uma sizokhuluma iqiniso ,ukuthi bonke abantu abaqhubeka bedudulela uNkulunkulu eceleni bebe bezibiza ngamaKholwa.Baphila imiphumela yalokho kanye , besekuthunjweni  ezintweni zakulomhlaba.

Uyiphila kanjani impilo yakho? Ngakube uNkulunkulu usendaweni yakhe emfanele kuwe? Kumbe umatasa nje ngezinto zakulomhlaba?

Ngingowokuqala ngingowokugcina ,ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge