... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kodwa Angiqondi …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 11:8,9 Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe,beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso

Listen to the radio broadcast of

Kodwa Angiqondi …


Download audio file

Wonke uMzali uyayazi ingcindezi yokutshela ingane yakhe ukwenza utho ,ebese yona imxine ngokufuna ukwazi ukuthi “Ngobani”!? ikwenza ngokwendlela yokuthi ukuze ikwenze inalombandela wesizathu kuqala .Kwesinye isikhathi kuba nempendulo efanele enhle ,kwesinye isikhathi ayibi njalo . 

Iqiniso ngukuthi awukwazi ukugxumeka ikhanda elidala emahlombe asemasha .Uzakwethu uthi ngenkathi unina noyise bemenza ahlanzise ikamero lakhe njalo ekuseni ngoMgqibelo ,kanjalo nangenkathi unina ephikelela ukuthi akafunde ukushaya upiano okungenani ingxenye yehora kanye ngosuku  [zombili lezizinto wayekuzonda ukuzenza ngalesosikhathi]  babengenayo sanhlobo indlela ababengachaza ngayo isithelo  salokho kuqondiswa abamkhulisa ngakho ekwakheni inkambo yakhe ,ebudaleni . 

Ndlelanye noNkulunkulu usibizela ukwenza izinto ,okuthi ngalesosikhathi ,esisuke singazithandi ,izinto ezingawakhi umqondo ;izinto esingafuni sanhlobo ukuzenza .Futhi kukuyo kanye leyondawo lakhona ukholo luba semsebenzini .[kumbe  olungabi semsebenzini khona! ].

KuMaHebheru  11:8,9 Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye

endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe,beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso

.

UNkulunkulu wambiza u Abhrahamu nomkakhe uSara bese kunethezekeni kwengcebo yabo,behleli kamnandi ,wababizela ohambweni olungemnandi olumadlakadlaka  lweminyaka engu               25 .Babengakaze babe nokhiye wokuthi ekaze loluhambo lubabhekise kuphi ubayisaphi ngalo uNkulunkulu ingempela .kodwa khona kunjalo bamlalela uNkulunkulu . 

“Ukholo” ngukumlandela nokumlalela uNkulunkulu ,ngisho nala khona lungawenzi umqondo  . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.