... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Lwekusasa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 11:13-16 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo; kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Lwekusasa


Download audio file

Sewuke uzizwe sengathi izethembiso zikaNkulunkulu zikukhohlisile ? Uyafuna ukuma uqinile ezithembisweni ,kodwa ndlelana thize ,zibukeka ziphela emehlweni okwenkungu .Yebo,ngithanda ukukutshela ngokungananazi ukuthi awuwedwa  .

Kunesizathu salokho futhi.Uyabona mina nawe ebuthakeni bethu bokuba ngabantu,sifuna ukukholwa ngokujulile ukuthi izethembiso zikaNkulunkulu zijekeleza kithi. Sizenze ngokokuthi zimelwe ukuhambisana nathi ,zime ngendlela yethu.Kodwa uma sithatha ithuba ke sithi ukuma eceleni kukho konke ,sizobona ukuthi loNkulunkulu kuye iminyaka eyinkulungwane ifana nosuku ,Yena akasebenzi ngendlela yethu . 

Nokho khona kunjalo asithi gqi ke sime kancane sibuke. Yilona phutha esilenzayo lelo .Ngakho ake sifake izipopolo kulendaba .Ake sibuke izethembiso zikaNkulunkulu ngokwendlela yakhe :

KuMaHebheru  11:13-16 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile,

bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo

babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo.  Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo,

bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo; kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi

elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Izethembiso zikaNkulunkulu zinkulu  kakhulu ,ngaphezu kwayo yonke into ebesingayicabanga ,ngokweso lethu elibuka ngokucinene.Yiwona khiye lo wokuqonda izithembiso zikaNkulunkulu.Yiwona khiye lowo wokuphila ezethembisweni .Cabanga ngokuthe xaxa ! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.