... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kukodwa Phaqa Engikufunayo …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:8-10 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe

Listen to the radio broadcast of

Kukodwa Phaqa Engikufunayo …


Download audio file

Ngakho yini esemqoka kuwe ? Yini into oyinika inani elikhulu ekuphileni kwakho kwansuku zonke ? Hhayi ngokwe theory .Ngikhuluma ngokoqobo lwendlela yokuphila okuphila usuku nosuku . 

Akuwona umbuzo olula lowo ngoba njengoMKhrestu impendulo okuyiyona ibizothi … ubudlelwane bami noJesu . Kodwa kukangaki izinto ezinjengempakamo yakho , ukulangazelela ukucatshangwa ngokuphambili, izinto ofuna ukuzithenga uzizwe , izinto esiziphakamisa zibe semqoka kunezimqoka empilweni ? Nanka amazwi kamphostoli uPhawuli ngalendaba kanye :  

KwabaseFiliphu 3:8-10 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi

uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze

uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho

okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe.

Zonke lezizinto empilweni yethu ziyizibi zangempela  (kahle hle zingubulongwe ). Ukuhlangana kukaPhawuli noKhrestu kwamguqula yonke into .

Konke engikufunayo kukodwa phaqa manje nguKhrestu  … ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe 

Shlobo sami yisikhathi lesi sokunquma ukuthi yini oyifunayo engaphezu kwakho konke kulokhu kuphila kuwe .

Angikutshele ukuthi loluguquko lokufuna into eyodwa eseqhulwini empilweni yakho alulula kodwa nazi izindaba ezinhle ,ngokusizwa yiNkosi kungenzeka .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.