... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Luyeza Usuku

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Malakhi 4:1 “ Ngokuba bheka luyeza usuku luvutha njengeziko ,bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi ,luyakubashisa lolosuku oluzayo” Usho uJehova sebawoti lungabashiyeli mpande nagatsha .

Listen to the radio broadcast of

Luyeza Usuku


Download audio file

Ukuvutha kwezahlulelo zikaNkulunkulu njengomlilo yinto abantu abangafuni ukukholwa yiyo .Kuyinto ephica ingqondo ukumcabanga loNkulunkulu oluthando kangaka ukuthi angaphinde abe ngumlilo …singasayiphathi kwakuyiphatha eyokuthi akekho noyedwa ofuna ukuba ngumumukeli walezozahlulelo ezivuthayo !

Kungekudala kunosaziwayo wezemidlalo  waphesheya kwezilwandle owacaphuna indima ethile ebhayibhelini wayisho kwi- social media eyayikhuluma ngokuhlulela kukaNkulunkulu ; ngoqobo lobukhona kwesihogo ,indawo yokuhlushwa ingunaphakade . 

Kwakuhlekiswa ngaye bechwensa ngokuzehlisa isithunzi lokhu kushiwo ngabantu abangamkholwa uNkulunkulu, lokho kwahamba kwaze kwafika ezingeni lakhona alahlekelwa yi-career yakhe yezemidlalo .Okwenza sibe nombuzo ukuthi yini le eyenza leliqeqebana labaphika ubukhona  bukaNkulunkulu kube yinto ebacasulayo le yezahlulelo zikaNkulunkulu ? Phela angithi bona  ekugcineni kosuku bathi abakholelwa ebukhoneni besihogo nezulu . 

Kodwa uthola ukuthi ekujuleni kwezinhliziyo zethu siyazi ukuthi luyeza usuku lwamacala phambi kukaNkulunkulu ,sithanda singathandi .

Malakhi 4:1“ Ngokuba bheka luyeza usuku luvutha njengeziko ,bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi ,luyakubashisa lolosuku oluzayo”  Usho uJehova sebawoti lungabashiyeli mpande nagatsha .

Kuyinto esabekayo le ,ngamagama asephuzelisa izinwele qede  kubande amathumbu mawucabanga ngoqobo lokwenzeka kwawo.Alikho icala ngokuziphendulela wenze njani ngobekwe kukho .Kuyinto enhle kakhulu .Simelwe ukuphendula ngezenzo zethu .Nakanjani kumele kube nemiphumela ngokuziphatha okubi . 

Ngakho uma kwenzeka sikholwa nguJesu ,nansi imibuzo okumele sizibuze yona .Ngakube sengingukhanda-qina ,ngakube ngiwele esonweni ? Nembala okholwa nguJesu usindisiwe ekujezisweni ngenxa yokholo kuJesu . 

Kodwa uma simuflathela uNkulunkulu uma sikhetha indlela yobubi ….phaphama  ! Luyeza usuku. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.