... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngeke Walahleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 10:29 UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.

Listen to the radio broadcast of

Ngeke Walahleka


Download audio file

Enye yezinto engabuhlungu kakhulu enganeni encane ngukwehlukaniswa nabazali bayo ;ilahleke,ingatholi lokhu kunamathelana nabazali ekudingayo nakuba kuba yinto yesikhashana . 

Ngikhumbula ngimncane ngidukelana nomama sisesitolo esikhulu edolobheni .Izingubo zazibekwe zayintaba ngangakwazi sanhlobo ukumbona ukuphi la estolo .Ngangingamtholi . Nakuba kwenzeka ngimncane kodwa nanamhlanje ngisakhumbula njengayizolo ,ngisazizwa ngikhala ngithi Mah, Mah. 

Kubazalwane abaningi umuzwa wokuduka kuthi mawubafikela bashawe luvalo . Mangase kuthiwe ngiyaduka endleleni yevangeli kodwa ngiyoba yini ,kuyokwenzekalani ? Mangase kuthiwe ngiyakhubeka kancane avese uNkulunkulu athi akasayingeni eyami ,ngiyoba yini ingempela?  Ngingayini nje mangase uSathane angiluthele ekubhujisweni ? 

Ngilalele .uma kungukuthi esikhathini esithile empilweni wayibeka kuJesu impilo yakho ,nakanjani ungaba nokwethemba okungachazeki ngalezizinto ezimbili  ,okokuqala okokuthi : 

Ukwazana naye akwenziwanga nguwe . Okwesibili ngukuthi akukho mandla emhlabeni ayoke anyakazise aqumbe phansi intando yaKhe .

Kodwa musa ukuzwa ngami kuphela ,nanka amagama ashiwo nguJesu uqobo :

NgokukaJohane  10:29  UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha  esandleni sikaBaba.

Yebo,nanjengayiphi enye imvu ,kungenzeka uduke endleleni.Kodwa uMalusi omuhle uyoshiya zonke ezingu 99 ezofuna le eyodwa elahlekileyo ukuzoyithola le enguwe kanye .Uyokucinga akubuyisele ekhaya . 

Akekho noyedwa ,akukho mandla akhona emhlabeni ,angakuhlwitha esandleni sakhe  . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.