... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubona Isithombe Esiphelele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 11:5,6 Njengalokhu ungazi ukuthi indlela yomoya ukuthi iphi nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke . Hlwanyela imbewu yakho kusasa ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa ,ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela ,yilena noma yileyo,noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.

Listen to the radio broadcast of

Ukubona Isithombe Esiphelele


Download audio file

Ngakho ,kungenzeka mhlawumbe uNkulunkulu ukubizela kokuthile okuhle ukwenzela Yena . Mhlawumbe ufuna usebenzise imali ,kumbe ukuzinikela amandla nesikhathi sakho kumbe ukunikelela omunye onesidingo . Noma ngabe yini kuhlale kunomninkelo ongelula okumele uwenze ukuze kwenzeke . 

Iyona nto ngokulandela uJesu .Kuhlala njalo kunenani okukubiza lona ukuba semsebenzini waKhe  wothando oluntwini,wezindaba ezinhle ukuzitshela abanye .Yiyona nto eyinkinga leyo ,okwenza sigcine sithi ake sithi ukuma kancane kesibone izimo ziyalunga yini kuqala .Okungakho abanye bethu bagcina bephonse ithawula .

Lomnikelo osuke udingeka zisuka nje .Esingathi ngolimi lwebhizinisi ukungabaza uku-investor ngoba ungaboni kahle izinombolo zenzuzo , Ngakube uphawu lokuthi yonke into izovuthwa kahle ku-qualify   irisk lokho  ?  Kodwa kahle hle ngumbuzo o-wrong lo. Ngoba lombuzo uyahluleka ukufaka uNkulunkulu kuwo awumbali ubukhona baKhe kwakubizele ukwenze .

Umshumayeli  11:5,6 Njengalokhu ungazi ukuthi indlela yomoya ukuthi iphi nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke .

Hlwanyela imbewu yakho kusasa ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa ,ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela ,yilena noma yileyo,noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo. 

Ngiyayithanda  lengxenye ekhuluma ngokuvuka ekuseni lize liyoshona ungami ukutshala. Ngamanye amazwi ume ukulokhu ubhuluza ngento ube usonge izandla ngayo .Ngena kunoma yini uNkulunkulu akubizela ukuba uyenze ,ungene kuyo ukhwice imikhono ,uthi shi phakathi ngomfutho namandla akho onke .

Ngoba uma ekubizele ukwenza utho ,ukulo kunye nawe .Futhi nguYe owenza konke kwenzeke .Okwakho nje  ukumbona esemsebenzini ngawe .Sivule lesithombe ,sibuke ngokweso likaNkulunkulu ekunye nawe ,emva kwalokho ngena uthi khaxa ngezinyawo zonke lungabibikho unyawo olungaphandle ,ungagxamalazi  ,phelela obizweni iNkosi ekubizela kulo!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.