... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubusa Kokufa Sekufile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:7-9 Ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ukubusa Kokufa Sekufile


Download audio file

Sewuke ucabange ukuthi kaze ngabe injani impilo yakho namhlanje mangase kuthiwe uJesu akahlangananga nawe endleleni yokuphila? Uma kuthiwa wawungalizwanga iphimbo lakhe likubizela enkululekweni yakhe ,ukuthula kwakhe nengunaphakade laKhe ? 

Futhi angisho ukuthi yinto le esengicabange kaningi ngayo,umzalwane uBerni uthi kuye ngoba ngesikhathi  esondela kuYe uKhrestu wayephezulu  kuveranda esitezi ku 8th floor wasehhotela ,lakhona ayecabanga ukuqeda ngempilo yakhe aziphahlaze phansi .

Mangase kuthiwe ngalesosikhathi uJesu akazange ayithinte impilo yakhe  … sasingeke simazi namhlanje .Futhi kunamathuba amaningi ukuthi wayeyosha esihogweni ingunaphakade lakhe lonke ,ehlukene nothando lukaNkulunkulu phakade naphakade. 

Ngoba impilo yami yayicwile odakeni lwesono  futhi alukho olusisizayo kuze kube ngukuthi sonke samukela  intethelelo kaNkulunkulu ,etholakala ngoKhrestu uKhrestu yena yedwa ,ngomhlatshelo wakhe kulesosiphambano ,okuyilapho kanye esiqala sibe nokunqoba phezu kwesono ,sinqobe konke namandla esiphetho saso ,ukufa okungunaphakade . 

KwabaseRoma  6:7-9 Ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.  Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.

Ukufa  kwakungembambe .Futhi uma ukholwa nguJesu ,ngilalele,lokhu kusemqoka kusemqoka kakhulu ,nawe uyophila ingunaphakade lakho ebukhoneni bukaNkulunkulu .Yilona kusasa lakho lelo uma ulibekile ithemba lakho kuJesu . 

Shlobo ngicela ukukuncenga noma ukuphi la ukhona njengamanje ,phonsa impilo yakho emseni nasezibeleni zikaNkulunkulu ngoJesu Khrestu .Ngoba kuYe ,ukufa akusabusi phezu kwempilo yakho. 

Njengamanje uNkulunkulu useyivulile indlebe yaKhe ,ukulungele ukukuzwa uthandaza kuYe ,ukhuluma naYe .Ungabe usathandabuza ,nanti ithuba yiza kuYe Shlobo sami .

KwelikaMoya sikulungela ukukhuleka kunye nawe ,usazinikela kuJesu.

IZulu liyakubona ,liyakuthanda ,wemukelekile eMbusweni kaNkulunkulu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.