... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuze Ubhekane Naso … noma Ukunqoba?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 8:35,37 Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

Listen to the radio broadcast of

Ukuze Ubhekane Naso … noma Ukunqoba?


Download audio file

Kukho konke lokhu okuqhubeka emhlabeni ,singasayiphathi nje eyezinto ezenzeka usuku nosuku impilo evese isiphakele khona singakulindele ,abaningi bakuthola kunzima ukuphila kulentaba yokuphila .Kodwa besizothini uma kungukuthi impilo ayingakho kuphela ukukwazi ukutabalasa usuku nosuku?

Angazi  sanhlobo ukuthi kuqhubekani empilweni yakho njengamanje  okuhle ,okubi,okukushonisa phansi kabi kakhulu .Kodwa wena uyakwazi obhekene nakho .NoNkulunkulu futhi uyakwazi .Futhi ngeke ungabaze ukusho ukuthi noSathane uyakwazi futhi ,ngesikhathi esazama ukukubhozomela esebenzisa ubuthaka bakho ,efuna ukukususa kuNkulunkulu qede akubuyisele emumva la owase uphumile khona .

Futhi ngesikhathi uzabalaza usathane edlala umasigcozi wesihogo ngemizwa yenhliziyo yakho ,kuye kuzwakale nembala ukuthi uNkulunkulu kusengathi uya ngokuya eshenxa kuwe . 

Kodwa uma kwenzeka uzithola ukuleyondawo nini nanini na ,sekuyisikhathi sokubuka ngokuhlukile izimo zakho ezingacaci zibheke phambili noma emumva.Ngoba imizwa ngeke uyethembe inokukitazana  ,yehluke ngamalengiso oqobweni lwento ngokubuyonayona .Uqobo lwesimo sakho nasi :

KwabaseRoma  8:35,37Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? 

Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

Uthando lukaNkulunkulu lunamandla amakhulu amangazayo,lujulile ,luqinile,luthembekile ngangokuthi akukho lutho,lutho sanhlobo – engakwehlukanisa nothando lukaKhrestu .Kungebe ngukuhlupheka ,noma ukubandezeka ,noma ukuzingelwa,noma indlala ,noma ukuhambaze –ukungabi nanto yokugqoka ,noma ingozi ,noma inkemba .Akukho lutho nolulodwa lwalokho!  

Futhi ngenxa yalolothando lwaKhe olukhulu ,ufuna ukukunqobisa imizwa yenhliziyo yakho ,ukungaqondi nqindi nasibhakela ,noma ngabe yini le ekwiziswa iminjunju kumbe ekuhluphayo ,ekwenza uwuphonse kanzima umbalane .Kahle hle uqobo lwesimo ngolokuthi wena ungaphezu komnqobi ngaye okuthandayo . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.