... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungabi Namahloni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 1:16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala,nakumGreki.

Listen to the radio broadcast of

Ungabi Namahloni


Download audio file

Ndlela zonke impakamo iqhele ngamalengiso ekubeni yinto enhle . Uma sigcwele ukuzitshela ,sishayela phezulu ,kubi lokho ,angithi? Futhi uNkulunkulu umelene zikhathi zonke nabaziphakamisayo .Kodwa kwesinye isikhathi impakamo ingaba yinto enhle .

Njengabazali besho ezinganeni bethi :’ngiyaziqhenya ngawe mtanami’.Nami ezinganeni zami ngiyasho kanjalo futhi ,ziyizingane  ezingithokozisayo . Kukhona okubi kulokho .Cha angiboni kanjalo. Impakamo iyinkinga uma ibekwe endaweni engayifanele ,uma ingabanye abantu hhayi siziqhayisa thina . 

Futhi uma ngithi nabanye ,ngifaka noNkulunkulu kuleyonkulumo . Ngoba ngokwethembeka uma ngiqalaza ,ngibona abantu  abaningi abazibiza ngaMaKhrestu , okungesikho nje kuphela ukuthi abaziqhayisi ngaye  kodwa uma bebhekene nabamelene nevangeli , bayazinyeza  futhi banamahloni ngoMsindisi owazinikela  ukuphila kwaKhe ngenxa yabo. Kodwa qaphela lamagama omphostoli uPhawuli :

KwabaseRoma  1:16Ngokuba anginamahloni ngevangeli;

ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala,nakumGreki.

Uma sivuma ukuthi siyakholwa nguJesu ,ngakho asime manje ukuba namahloni ngaYe .Yebo abanye abantu bayokwehlisa isithunzi uma ukhuluma ngokungananazi ngoJesu Khrestu kodwa njengendoda ebizwa ngokuthi ngu -Pat Steele ibeka kanje : Ubuhlungu babantu beya esihogweni yikho okungikhathaza kakhulu enhliziyweni yami ngaphezu kokuthi bathini ngami njengamanje . Ngingumlandeli kaJesu futhi anginamahloni ngevangeli ngoba lingamandla kaNkulunkulu ukuba kusindiswe wonke umuntu okholwayo .

Ungabi namahloni evangeli likaJesu .Kunempilo yomuntu encike ukuzwa lona !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..