... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Usabafuna Abafundi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:21,22 Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

Listen to the radio broadcast of

Usabafuna Abafundi


Download audio file

Luhloboluni lonyaka owubhekile . Ngakube uzoqhubeka ube yilowonyaka omdala …omdala njengeminye na futhi ? Umsebenzi ofanayo obuvele uwenza ,indlela eyodwa yokuphila wena owabona eyegundane .Kumbe usulangazelele ukungena kwi-adventure ? Lonyaka ukuphatheleni? 

Manje ,ngokwesikali esikhulu ,mina nawe sinawo umqondo wokusibhekile kusasa.Kodwa ngesikhathi sisajomba sijombela onyakeni omusha ,kunento esingayenza ukuwenza ube ngoyinhlabamxhwele kakhulu ,ngothokozisayo kakhulu kunomunye .Konke kuncike ngokwendlela thina esibuka ngayo,ukulindela ukuthi ukulandela uJesu kwesingakwazi kuzoba yintokozo ne-adventure emnandi.

Izolo sibonile ukuthi umbize kanjani uSimoni Phethru nomfowabo u-Andreya ukuba bamlandele ,okuyinto abayenza . Kodwa ngokokuqhubeka kwezinto kwacaca usadinga abanye abafundi futhi . 

NgokukaMathewu  4:21,22Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani

ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise,

belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

Manje ake ukucabange lokhu .UJesu wayebiza lezelamani uJakobe noJohane .Besahambisa umkhumbi wabo behlisa amanetha abo ,ebabizela kwabangakwazi .Bebehlale benza into eyodwa ubusuku emva kobunye ,noyise uZebedewu .Behambisa umkhumbi wabo ,behlisa amanetha ,bebamba ofishi ,bebuyela emumva ,behlanza amanetha ,bedayisa abazibambile .Kwakuyinto efanayo nsuku zonke ,babehlale benaso isithombe sokuzwekenzeka okwakwenza kube lula ukuqonda ikusasa futhi ingqondo izizwa iphephile . Kodwa ngesikhathi uJesu ebabiza ukumlandela ,base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela,   yilokho kanye abakwenza .

Kubukeka sengathi uJesu usabafuna abafundi abazomlandela .Ukulungele ukuba ngumfundi waKhe  ? Uzohamba uye obizweni akudinga kulo na ? Ohlabelelayo athi : ‘ngizwa uJesu uyabuza ,ziphi izisebenzi ,ngoyelwa ngubani …?” . 

Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela uJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.